Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula
Khuluma “Ngesibonakaliso SikaKhisimusi”!
Ngemva kokunika isithembiso soMsindisi, uNkulunkulu waqala ukwembula iqiniso ngeNkosieyayizokuza ngabantu: abaphrofethi. Iminyaka evile ku 680 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu, uNkulunkulu watshela umphrofethi uIsaya ukuthi uMsindisi wayeyoza ngentombi nokuthi wayeyakuba uNkulunkulu enyameni. Ubuqiniso balesisiphrofetho buyamangalisa, kakhulukazi kube kwakuyiminyaka eminingi kangaka okwakulindwe ngayo ukugcwaliseka kwalesisithembiso. Kodwa lesisiphrofetho esisodwa vo kwezingu 108 esagcwaliswa ngokuzalwa nangempilo kaJesu.
Ngo 1958, usaziwayo kwi-mathematics ne-astronomy u professor Peter Stoner watadisha wabala iziwombe zokugcwaliseka kweziphrofetho zikaMesiya. Wathola ukuthi i-probability ka 8 kwezingu 108 yeziphrofetho ezagcwaliseka, noma, eyodwa kwezingu 100,000,000,000,000,000. Okukodwa ku one-hundred quadrillion. OkuyiSISHIYAGALOMBILI kuphela kwezingu 108! Lokhu kwenza uKhisimusi enye yezibonakaliso ezinkulu emlandweni.
Njengoba sigubha leliholide, zama ukucabanga ngokuthi kwakuningi kangakanani okwakumelene noJesu ukuthi eze njengokuphrofethwa. Akucabangeki! Esingakwenza ukudumisa—ekubongeni nasekumangaleni. IZwi lisitshela ukuthi awokho umkhawulo emandleni kaNkulunkulu, lezizinamba ziveza lokho. Ufanelwe ukubatshazwa.
Umthandazo: Baba, uyamangalisa. angikwazi nokucabanga ukuthi wahlela kanjani ukuzalwa kukaJesu ngaphambi kokuthi azalwe. Ngiyamangala ngamandla nobuhlakani baKho. Ngiyabonga ngesimangaliso esiyiNdodana yaKho. Ngisize ngingakhohlwa ukuthi umkhulu kangakanani.
Download-a isithombe sanamuhla lapha.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.
More