Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula

Advent: The Journey to Christmas

USUKU 14 KWEZINGU- 25

Ukuthula Kwenjongo Ephakemeyo

Ukwesaba kungenza ungaqhubeki. Kungakwenza ubaleke ucashe. USathane uyathanda ukusiphazamisa ngokwesaba ukusenza singakuboni ukuphepha okusendleleni kaNkulunkulu. Ukwesaba kwacishe kwenza uKhisimusi ungabibikho izikhathi eziningi, futhi uNkulunkulu wayefuna ukukhumbuza abadlali endabeni yaKhe njalonjalo, “Ungesabi.”

NgokukaMathewu 1:18-21 isitshela ngendaba kaKhisimusi ngokukaJosefa. UMariya wakhulelwa ngaphambi kokushada kwakhe noJosefa, futhi noJosefa, “engumuntu olungileyo, engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese.” Kodwa ingelosi kaNkulunkulu yavela kuye ephusheni, imqinisa ukuthi wayrkhethiwe ukukhulisa iNdodana kaNkulunkulu emhlabeni.

UJosefa waqala ngokuzama ukulonda ukuhlonipheka kwakhe noMariya ngenkathi ezwa ngokukhulelwa kwakhe, esaba ihlazo. Wayengendandlela yokwazi ngekweqiniso ukuthi ubuntombi bukaMariya babusekhona yini, futhi wayezomlahla njengengoduso yakhe. Esikhathini sobuhlungu, nesididayo kuJosefa, uNkulunkulu weza kuye ephusheni, waqeda ukwesaba kwakhe ngokuthula kwenjongo yaKhe, wamfaka endleleni yokuba ubaba weNdoda ephakeme kunawo wonke emhlabeni.

Ezikhathini zethu zokwesaba, uNkulunkulu ufuna ukukhuluma iqiniso kithi aphule amadla alokho okusibuyisela emuva. Uma sifuna ukuthula kwaKhe, uyakunqoba ukwesaba kwethu ngothando lwaKhe. Cela uNkulunkulu eze akhulume ukuthula emangeni onke enza ukuthi wesabe namhlanje. Uthembekile ukukuphendula akunike amandla okuqhubeka enjongweni yaKhe anayo ngawe.

Umkhulekor: Baba, iZwi lakho lithi awusinikanga umoya wokwesaba, kodwa wamandla, nothando, nokuthula engqondweni. Ngiyabonga ngokunginika konke engikudingayo ukuqhubeka uma isitha sizama ukungidonsela emuva. Ngiyakudumisa ngoba ukwesaba kuyakhothama ngegama likaJesu. Ngesikhathi sikaKhisimusi, nanjalonjalo, ngisize ukuguqisa imicabango yokwesaba nokuyiletha kuWe ukuze ukuthula kwaKho kuzobusa empilweni yami.

Download-a isithombe sanamhlanje here.

Usuku 13Usuku 15

Mayelana naloluHlelo

Advent: The Journey to Christmas

UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com/