Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula
Thembeka Kokuncane
UNKulunkulu uyathanda ukwenza ngokuhlukile kunokwasemhlabeni. Akaphakamisi abantu ngezizathu abantu abaphakamisa abantu ngayo. Okuyigugu kuYe ukwethembeka kunokwaziwa nokuzithoba kunamandla. Ngobusuku besibonakaliso saKhe esikhulu, esikhundleni sokukwembula kuqala emakhosini nabaholi bomhlaba, uNkulunkulu wathumela ingelosi kubelusi abaphansi. NgokukaLukha 2:8 sithola ukuthi abelusi “babehlala emadlelweni aseduze, benakekela imfuyo.”Kuyabonakala ukuthi lamadoda ayengabantu abazimisele, ayehlala eduze nezimvu zawo enakekela lokho ayenikwe khona ethenjwe ngakho. Abelusi babengabantu abaphansi, kodwa babethembekile, ngakho uNkulinkulu wabakhetha baba abokuqala ukwamkela izindaba ezimnandi kunazo zonke emlandweni. Base baba abokuqala ukuhlangana neNdodana kaNkulunkulu ubuso nobuso!
Uma uzuzwa ungabalulekile ushaywa indiva namhlanje, ungayeki ukutshala kulokho uNkulunkulu akunike kona. Noma ubona kukuncane othenjwe ngakho, nikela konke kukho. Ungapheli amandla! UNkulunkulu ufuna abantu abathembeka ngokuncane yikhona azobaphathisa okukhulu. Noma ngabe yini ophathiswe yona namhlanje, yenze ngamandla akho onke. UNkulunkulu ubona ukwethembeka kwakho aklomelise labo abaqedela abathunywe khona.
Umthandazo: Baba, ngiyabonga ngokwenza okunganakekile ezweni kubenenzuzo. Nom ngabe imuphi umsebenzi onginika wona, ngizinikela ukuwenza ngenhliziyo yami yonke. Ngisize ngingadikibali ngenxa yezwe, kodwa ngikhumbule ukuthi wakhetha abathobile, abasebenza kanzima abelusi ukuba babe abokuqala ukwazi isimangaliso sikaKhisimusi. Njemgabelusi, ngiyabonga ngokungikhetha ukuba ophethe izindaba zakho ezinhle. Futhi ngiyabonga kungakenzeki ngokunginika okukhulu ngenkathi ngithembeka kokunginike khona.
Download-a isithombe sanamhlanje lapha.
Mayelana naloluHlelo
UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.
More