Ukuphila Indaba EngconoIsampula

Living a Better Story

USUKU 3 KWEZINGU- 4

Nqoba ukwesaba.

Ukwesaba kugcina abantu bemile. Futhi njengengoma evela kufilimu, sidinga ukufunda ukuthi “Kuyeke, kuyekele!” Uma ungazi ukuthi ngikhuluma ngani, udinga ukuyobuka ifilimu Frozen.

Kodwa yilokho okwenziwa ukwesaba; kusigcina simile. Ukwesaba kusigcina sibambekile ekuqhubekeleni phambili noma ekulandeleni ithuba. Kuzosigcina siphila indaba eqhugayo size sifunde ukuyiyeka.

Kodwa njengoba leli vesi osanda kulifunda lalikhuluma ngakho, ukwesaba akuveli kuNkulunkulu. UNkulunkulu usinike amandla nothando nesiyalo.

Uma siphila ngokwesaba sizobe siphuthelwa okuningi uNkulunkulu anakho ngathi.

Ngakho-ke noma yini esiyesabayo, sidinga ukufunda ukwethemba uNkulunkulu ngaleyo nto futhi siyinikele Kuye.

Yiyo kanye into esiyesabayo ukuthi kufanele sibhekane ngqo nayo.

Pho yini eqondene nawe? Yini oyisaba kakhulu? Kunike uNkulunkulu, ubhekane nakho ngqo, futhi wazi ukuthi labo abanqoba ukwesaba baphila ngezindaba okufanele bazixoxe.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Living a Better Story

Sonke siphila ngendaba, kodwa ingabe zonke izindaba zethu zikufanele ukulandiswa? Kulolu hlelo sizobheka izindlela ezine zokuphila indaba engcono.

More

Sithanda ukubonga i-Switch, inkonzo ye-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church