Inguquko Yendodana Yolahleko noKyle IdlemanIsampula

Prodigal Son Transformation With Kyle Idleman

USUKU 7 KWEZINGU- 7

“Umusa Wamadodana Omabili”

Indodana endala yathukuthela emva kokubona izenzo zikayise. Lo bhuti omdala kungenzeka ukuthi wasebenza kanzima futhi enakekela ngokwethembeka amasimu, kodwa wayelahlekile endlini kayise.

Kwakungekho ukuvuka. Kwakungekho ukwethembeka. Kwakungekho senzo.

Iqiniso wukuthi, naye, futhi, bekayindodana yolahleko. Naye, futhi, bekanenhliziyo eyayikude kunoyise. Naye futhi wayelahlekile, kodwa engakuboni lokho. UTim Keller ukubeka ngale ndlela, “Indodana embi yayilahlekile ebubini bayo, kodwa indodana enhle yayilahlekile ebuhleni bayo.”

Kungenzeka ukuthi awukaze uye Ezweni Elikude. Ungaba nokuqala kabusha okuhlaba umxhele ngokwenkolo. Kungenzeka uyilandele yonke imithetho. Kungenzeka ukuthi uyifunde yonke le ncwadi ucabanga ngabo bonke abantu obaziyo abaseZweni Elikude abadinga ngempela ukuyizwa. Kepha ngiyazibuza ukuthi ngabe nguwe lowo uJesu abekhuluma naye sonke lesi sikhathi. Kepha ngiyazibuza ukuthi ngabe nguwe yini lowo uJesu abekhuluma naye sonke lesi sikhathi.

Ngenhlanhla, ngenkathi ubhuti omdala esensimini, uyise washiya umgidi waphuma waya kuye. Wakhulumisana nendodana ngqo.

Lokhu kusitshelani ngoNkulunkulu? UNkulunkulu ulangazelela ubuhlobo nezingane zaKhe. Nom ngabe impilo yakho ifana nendodana endala noma encane.

Ngisho nangemva kwezinqumo ezithukayo zendodana encane nokuphila budedengu, uyise wayigona ngokuyiqabula nangokuyanga. Futhi nemva kwamazwi anonya kanye nokungahloniphi kukamfowabo omdala, uyise ngothando wazichaza. Lo ongumholi omdala bekungakaze kudingeke ukuthi azichaze ezikhathini zasendulo. Imindeni yayingeyona intando yeningi; kwakungobushiqela. Yize kunjalo uyise uphendule intukuthelo kabhuti omdala ngokubekezela okunomusa nangomusa.

Silindele ukuthi uNkulunkulu abe ngubaba othukuthele ofuna ubulungiswa, kodwa ngoJesu, usinika uthando nomusa lapho singakufanele. Ekugcineni, indaba ekuLuka 15 ayikhulumi ngamadodana amabili angalaleli. Imayelana noBaba othanda izingane Zakhe ngaphandle kwemibandela.

*Lapho wonile, umbona kanjani uNkulunkulu nokuthi ucabangani ngawe? Ngabe umusa nothando lwaKhe olungapheli luyibhebhethekisa kanjani yonke inqubo ye-AHA?

Ulujabulele lolu hlelo lokufunda? Uma kunjalo, ngena ukuze uzuze incwadi ephelelelapha

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Prodigal Son Transformation With Kyle Idleman

Ithethwe kwi ncwadi ebizwa "AHA", hlanganyela no Kyle Idleman njengoba ethola izakhi ezintathu ezizokusondeza kuNkulunkulu ziphinde ziguqule izimpilo zethu ingunaphakade. Ingabe ulungele iskhathi sikaNkulunkulu esiguqula yonke yinto?

More

Sithanda ukubonga David C Cook ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.dccpromo.com/aha/