Inguquko Yendodana Yolahleko noKyle IdlemanIsampula
“UKUTHEMBEKA - Ukwethembeka okuletha ukuphiliswa”
AmaKristu amanigi ayaqonda futhi ayamukela ukubaluleka kokuthembeka, bobabili bona kanye no Nkulunkulu. ku 1 Johane, iBhayibheli liyasitshela ukuthi uma sivuma izono zethu kuNkulunkulu, Yena uthembekile futhi ulungile ukuba asithethelele izono zethu futhi asihlanze kukho konke ukungalungi. IBhayibheli lithi futhi uJesu wasithathela isijeziso esasifanele thina mhla efa esiphambanweni. UJesu wafela izono zami, ukuze uma ngizivuma, uNkulunkulu azithethelele
Imvamisa, sizitshela ukuthi akudingeki ukuthi iqhubekele phambili kunalokho: "Uma ngithembekile kimi nakuNkulunkulu, kwanele" Kodwa i AHA idinga okuningi.
UJakobe 5:16 ukhuluma ngokuvuma izono zethu komunye nomunye nokuthandazelana “ukuze siphiliswe.” Uma sithembekile kuNkulunkulu ngezono zethu, Uyasixolela, kodwa uma sithembeka kwabanye sithola ukuphiliswa.
Kusho ukuthini ukuphiliswa?
Yebo, umkhuba wokuvuma izono zethu komunye nomunye usenza siziphendulele futhi usisize sithole ukukhuthazeka esikudingayo ukuze siphule umjikelezo wokuhlupheka kwethu. Uma sithatha lokho ebesikugcine ebumnyameni sikudonse sikhahlela futhi sikhale ekukhanyeni, sithola ukuthi ilahlekelwa ngamandla amakhulu phezu kwethu
Futhi lokuphiliswa uJakobe akhuluma ngakho kungokoqobo kunalokho ongase ukucabange. Bheka lokhu: Incwadi yezwe yesayensi yokusebenza kwengqondo enesihloko esithi Coping with Stress iqinisekisa amandla okuphulukisa okuvuma izono. Umbhali uthi, “abantu abavame ukugcina izimfihlo banezikhalazo ezingokomzimba nezingokwengqondo, ngokwesilinganiso, kunabantu abanga…[kufaka phakathi] ukukhathazeka okukhulu, ukudangala, kanye nezimpawu zomzimba ezinjengobuhlungu beqolo kanye nokuphathwa yikhanda… Ihlazo lokuqala lokuvuma izono livame ukwedlula ukukhululeka okuza nokukhulunywa kwezici zobumnyama eziyimfihlo.”
Izaga 28:13 zimemezela lokhu okutholakele: “Noma ubani ofihla izono zakhe akaphumeleli, kodwa ozivumayo futhi azilahle uthola umusa.”
*Isenzo sokuvuma izono zakho kwabanye sikusize kanjani esikhathini esedlule? Ngabe kukhona izono eziyimfihlo obulokhu uzifaka emabhodleleni, ungafuni ukuziveza ekukhanyeni?
Mayelana naloluHlelo
Ithethwe kwi ncwadi ebizwa "AHA", hlanganyela no Kyle Idleman njengoba ethola izakhi ezintathu ezizokusondeza kuNkulunkulu ziphinde ziguqule izimpilo zethu ingunaphakade. Ingabe ulungele iskhathi sikaNkulunkulu esiguqula yonke yinto?
More