Abazali Isampula
Noma yini efanelekile ukuba nayo ifanele ukulwela. Qaphela ukuthi angishongo ukuthi kufanele ulwe nayo. Ubudlelwane nabazali bakho bungenye yalezo zinkinga okungelula ukuzixazulula. Babheka ukuphila becabanga ngesiphetho futhi njengomfundi ubheka impilo ngesiqalo emqondweni. Lokhu kungezwani kungaba namandla kakhulu ngezinye izikhathi. Abazali bakho bazama nje ukukuvimbela ukuba ungenzi amaphutha amakhulu kanti wena ufuna ukuhlola inkululeko yakho. Khumbula lokhu, uNkulunkulu ubeke abazali bakho empilweni yakho ngezizathu eziqondile. Kunezinto okufanele uzifunde abazali bakho kuphela abangakufundisa zona. Akulona iphutha ukuthi ukhona emndenini okuwo. Uma ulamukela ngokushesha leli qiniso, kuba lula ukuzwana nabazali bakho.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ubudlelwane onabo nabazali bakho abuhlali bulula—kodwa bubalulekile. Sibizelwe ukuhlonipha abazali bethu. Futhi kulolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa, uzothola umbono kaNkulunkulu ngobudlelwano bokuqala owake wangena kubo. Ukuze uthole okunye okuqukethwe, bheka okuthi finds.life.church
More
This plan was created by Life.Church.