Ukuqamba amangaIsampula

Lying

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Bekungamanga nje amancane. Ngempela? Ingabe ikhona into enjalo? Amanye amanga anemiphumela emikhulu kunamanye, kodwa amanga angamanga. Kuthiwani ngeqiniso elingaphelele? Hhayi-ke, iqiniso elingaphelele akuwona yini amanga ngempela? Phela awazi ukuthi uthola yiphi ingxenye. Abanye abantu bacabanga ukuthi ukuqamba amanga KULUNGILE inqobo nje uma kungalimazi muntu noma kulungile inqobo nje uma kusiza othile. Yilo kanye lolu gibe lokuqamba amanga. Abantu bazikhohlisa ngokucabanga ngalesi sikhathi kuphela futhi abacabangi kakhulu ngokuthi lawo manga angenza inkinga ibenkulu. Bheka ukuthi kungani uNkulunkulu ekuzonda kangaka ukuqamba amanga!
Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Lying

Ingabe amanga amancane abalulekile? Ingabe akhona amazinga ahlukene okuqamba amanga, futhi ingabe amanye alungile? Iqiniso liwukuthi, uNkulunkulu ulindele ukwethembeka. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa luzoletha Iqiniso lombhalo emcabangweni wakho. Zithulise phambi kukaNkulunkulu futhi uvumele ingqondo yakho yenziwe ibe mitsha. Ukuze uthole okunye okuqukethwe, bheka okuthi finds.life.church

More

This plan was created by Life.Church.