121 ye-AdventIsampula

121 Advent

USUKU 8 KWEZINGU- 24

Kungani Kunokuthula?

Ungacabanga ngomhlaba lapho konke kukuhle? Lapho ukuthulla kujwayelekile? Lapho wonke umuntu, yonke imizamo, yonke imicabango mihle? Lona kwakuwumhlaba uNkulunkulu awudala. Lena kwakuyindawo yokuthula, yokuchuma, kubo bonke abantu nazo zonke izinto, kube udumo kuNkulunkulu kanye nabanye.

Akuzange kuthathe isikhathi eside ukuthi ukuthula kuphendukele ebutheni. Akuzange kuthathe isikhathi eside ukuthi kuzuqhubekele esifisweni sobugovu. Namuhla, siphila ezweni lapho ukuthula ngokuvamile kunzima ukukuthola. Kodwa izwe eligcwele ubutha, inzondo nesifiso sobugovu alikona ukuphila uNkulunkulu ahlose ukuba sibe khona. UNkulunkulu ufisa umbuso wokuthula, wokulunga, wentokozo yabo bonke ngoMoya oNgcwele (KwabaseRoma 14:17). UNkulunkulu usidale ukuba sihlale ngokuthula futhi sibonakalise uNkulunkulu wokuthula ( 1 KwabaseKorinte 14:33) esimkhonza ngokuphila kwethu.

Uma siphila ngokuthula, uNkulunkulu uyakhazinyuliswa ngoba unguNkulunkulu wokuthula. Sibonakalisa Yena ngokuthula, kodwa futhi sithola izimpilo zokuhle, zokuchuma. Yingakho ukuthula kubalulekile!

"Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu." Ukuze sikhazimuliswe futhi kube kuhle kithi!

Imindeni Enezingane Ezincane

Funda AmaHubo 46:10. IZINGANE, uNkulunkulu wayazi ukuthi ngeke sibe nokuthula okuphelele ngaphandle Kwakhe. Ufisa ukuthi sazi uhlobo lokuthula olungavela kuye kuphela.  Ufisa ukuthi sibe nakho lokho kuthula ngoba uyasithanda. Lapho simazi uJesu, ithemba lethu kuNkulunkulu lingokoqobo futhi singamethemba ngaso sonke isikhathi.  Kuyisipho ukuba nokuthula ezinhliziyweni zethu.

Ungakuchaza kanjani ukuthula? Kungani uNkulunkulu efuna sibe nokuthula ekuphileni kwethu?  Kungani uNkulunkulu efuna siphile ngokuthula nabanye? Ungakubonisa kanjani ukuthula ekhaya, esikoleni, enkundleni yokudlala, phakathi nemidlalo noma lapho udlala nabangani?

Funda NgokukaLuka 2:1-5. IZINGANE, Wake wathatha uhambo olude?  Uhambe ngani - ngemoto, isitimela, ibhasi, noma indiza?  Ubungazizwa kanjani uma kufanele ugibele imbongolo kulolo hambo olude?  Yileyo kanye indlela uMariya noJosefa okwakudingeka bahambe ngayo ezinsukwini ezingaphambi kokuzalwa komntwana uJesu. UMariya noJosefa baya kuphi?  (eBetlehema) 

Njengoba ukhuleka, bonga uNkulunkulu ngokuletha uMariya noJosefa bephephile eBhetlehema futhi umbonge ngazo zonke izikhathi akuphephisa wena nomndeni wakho ukusuka kwenye indawo kuya kwenye. Mbonge ngesipho sakhe sokuthula, mbonge ngokufuna sibe nokuthula, mbonge ngokukupha usuku olunokuthula futhi umcele ukuthi akuphe ukuthula njengoba ulele. Mcele ukuthi aqhubeke ekubonisa ukuthi ungaba kanjani nokuthula nabanye.

Usuku 7Usuku 9

Mayelana naloluHlelo

121 Advent

Ukuzalwa kukaKristu, ukufika Kwakhe, kuphawula icebo likaNkulunkulu lokuhlengwa kwethu. KuKristu, sibona isithombe esigcwele sethemba likaNkulunkulu, ukuthula, injabulo nothando. Izwi likaNkulunkulu liyiqiniso esazi ngalo futhi sihamba Naye nsuku zonke. Sethemba ukuthi lo mhlahlandlela uzokhuthaza futhi wenze lula isikhathi sakho osichithwa eZwini futhi unikezele insiza yemindeni enezingane ukwenza lokho ndawonye.

More

Sithanda ukubonga i-121 Community Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: htp://121cc.com/

Izinhlelo zohlobo olufanayo