121 ye-AdventIsampula

121 Advent

USUKU 12 KWEZINGU- 24

Sikuyisa Kanjani Ukuthula Emhlabeni?

Encwadini kaPawuli eya kwabaseFilipi, ubanxusa ukuba babe nesimo sengqondo sikaKristu, isimo sokuthobeka (KwabaseFilipi 2:1-11). Ukuthobeka ukubheka abanye njengababalulekile kunawe. Akukona ukuzicabangela okuncane, ukuzicabangela wena kancane ukuze sikwazi ukucabanga ngabanye kakhulu.

UJesu weza ukuzosilethela ukuthula, ukubuyisana nobuhlobo bethu obuphukile noNkulunkulu. Futhi Usishiya lapha njengabameleli Bakhe, amanxusa akhe okubuyisana (2 KwabaseKorinte 5:17-21). Sinesibopho sokubheka abanye njengababalulekile kunathi futhi silethe kubo ithemba lokuthi nabo bangabuyisana noNkulunkulu, nabo bangaba nokuthula noMdali wabo.

Pho singakwenza kanjani lokho? Thanda abanye njengoba uJesu ebathandile. Letha ukuthula njengoba uJesu aletha ukuthula. Funa inhlalakahle yabo. Funa ukuthula ngezimpilo zabo. Lapho sibheka ngobuqotho intuthuko yabanye, ukuthula kuyolandela ngokwemvelo.

Imindeni Enezingane Ezincane

Funda NgokukaMathewu 5:9.  IZINGANE, Yiziphi ezinye zezindlela izwe elithi singaba nokuthula? (ukuya endaweni yokungcebeleka noma indawo yokuphumula; ukuphumula ogwini lolwandle; ukufunda incwadi emnandi; njll.) Nakuba kungekho lutho olungalungile nganoma iyiphi yale misebenzi, uthini uNkulunkulu ngendlela esingaba ngayo nokuthula? (ngoJesu) Ngokutshela abanye ngoJesu singabazisa ukuthi ukuthula kweqiniso kuvela kuJesu kuphela. Cabanga ngezinye izindlela ongahlanganyela ngazo izindaba zokuthula kukaNkulunkulu kwabanye?

Funda NgokukaLuka 2:15-18. IZINGANE, injabulo yedlule kubelusi futhi yasabalalela nakwabanye njengoba bexoxa lezi zindaba ezimnandi. Yiziphi izindaba ezimnandi ababezoxoxa ngazo? (ukuthi uJesu uzelwe) Ingabe izindaba zokuzalwa kukaJesu zamangaza wonke umuntu? (cha, lendaba yayibikezelwe eminyakeni eminingi ngaphambili) Ukube wawungomunye wabelusi, wawuyotshela bani lezi zindaba futhi wawuyobatshela kanjani? Yenza sengathi ungumalusi futhi ulingise lokho obuzokwenza.

Njengoba ukhuleka, bonga uNkulunkulu ngesithembiso sakhe sokuthumela uMsindisi futhi umbonge ngokuthumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu. Mcele ukuthi akubonise indlela yokugcina ukuthula nabanye.

Usuku 11Usuku 13

Mayelana naloluHlelo

121 Advent

Ukuzalwa kukaKristu, ukufika Kwakhe, kuphawula icebo likaNkulunkulu lokuhlengwa kwethu. KuKristu, sibona isithombe esigcwele sethemba likaNkulunkulu, ukuthula, injabulo nothando. Izwi likaNkulunkulu liyiqiniso esazi ngalo futhi sihamba Naye nsuku zonke. Sethemba ukuthi lo mhlahlandlela uzokhuthaza futhi wenze lula isikhathi sakho osichithwa eZwini futhi unikezele insiza yemindeni enezingane ukwenza lokho ndawonye.

More

Sithanda ukubonga i-121 Community Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: htp://121cc.com/

Izinhlelo zohlobo olufanayo