UbunganiIsampula
Bambalwa kakhulu abantu abafuna ukuchitha ukuphila kwabo ngaphandle kwabangani. Kuthiwa uma ugcina usunabangani abahlanu osondelene nabo empilweni yakho kumele uzibone ubusisekile ngempela. Cabanga ngakho. Bangaki abangani osondelene nabo ngempela? angikhulumi ngabazanayo. Ngikhuluma ngabangani abazi konke ngawe nabasakuthanda futhi ngokunjalo. Ubungani beqiniso buyisipho futhi kufanele buphathwe kanjalo. Pho, kuthiwani uma ungenabo abangani abaningi? iZwi likaNkulunkulu linikeza iseluleko ngohlobo lwabangani okufanele ube nalo nokuthi kudingeka ube umuntu onjani ukuze uthole abangani abahle. Ukuba nomngani omkhulu kuyinto enhle!
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Unkulunkulu uvame ukusebenza ngabantu esinabo ezimpilweni zethu. Ngakho, obani abangani bakho? Ungumngani onjani kwabanye? Lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa luzokukhombisa ubungani bangempela kanye nesibusiso uNkulunkulu asinikeza ngobungani.
More
This plan was created by Life.Church.