Ithemba EbumnyameniIsampula

Hope In The Dark

USUKU 12 KWEZINGU- 12

Lapho Ubuza Futhi Ukholwa

Ukubekezela akukona nje ukuthwala into enzima, kodwa ukuyiguqula ibe yinkazimulo.

—UWilliam Barclay, ungqongqoshe waseScotland 

Angazi ukuthi ubhekene nani noma ukuthi yini osuvele usindile kuyo. Kodwa engikwaziyo ilokhu: UNkulunkulu wethu unguNkulunkulu omuhle osithanda kangangokuthi waze wadela iNdodana yakhe eyigugu, isipho esikhulu kunazo zonke angasinika sona, ukuze nje simazi, ukuze nje simkhazimulise emhlabeni, ukuze nje sikwazi ukuhlala naye ingunaphakade ezulwini. 

Usithanda kakhulu. Siyakwazi ukumthanda—noma omunye umuntu—kuphela ngoba yena wasithanda kuqala.

Lapho kwenzeka izinto ezinzima, futhi okungcono kakhulu ongakwazi ukukuphatha wukufuna ukukholwa, lokho kwanele. Ungayeki ukufuna ukukholwa. 

Vumela leyo nhlansi yethemba ukuthi ikhule ngokwethemba ukuthi uNkulunkulu ukhona eduze kwakho. Thandaza ucele uNkulunkulu ukuthi akusize unqobe ukungakholwa kwakho. NjengoHabakuki, buza imibuzo yakho bese ukulungele ukulalela impendulo kaNkulunkulu. 

Umthandazo wami ukuthi ukhule ube nalolohlobo lokukholwa lukaHabakuki esilubona esahlukweni 3. Kodwa nasi isivumelwano: awukwazi ukuba nokhole lwesahluko 3 uze ube nombuzo wesahluko 1 kanye nesahluko 2 lohlobo lokulinda. Ngoba ngokuvamile uNkulunkulu wenza okwengeziwe ngokomoya esigodini kunasesiqongweni sentaba. 

Anginazo zonke izimpendulo zemibuzo yakho. Kodwa ngemva kokuthanda uNkulunkulu nokukhonza uKristu iminyaka engaphezu kwamashumi amabili nesishiyagalolunye manje, nakhu enginga kusho ngithi: Ngihambe noJesu okwenela izolo ukuze ngimethembe ngekusasa lami lonke. 

Ingabe uyafuna ukusondela kuNkulunkulu? Ingabe ufuna lokho kusondelana naye ngaphezu kokufuna ukuphila okunethezekile, okulula, okungenazinkinga? 

Ngakho ungayeki ukufuna ukukholwa. 

Ungaba nethemba ebumnyameni. Ngoba njengoba ukhula ekwazini uNkulunkulu, uyokwembula ngisho nangokwengeziwe ngothando lwakhe, ukwethembeka kwakhe, umusa wakhe. Futhi ngokuhamba kwesikhathi uzoqaphela, ukholwe, futhi wamukele ukuthi noma impilo inzima, uNkulunkulu usalungile. 

Thandaza: Nkulunkulu, ngikholwa ukuthi umuhle, futhi ngikulungele ukuqhubeka ngikhula ngisondelana nawe. Ngikulokhu isikhathi eside. Ameni. 

Funda kabanzi mayelana nencwadi ka-Craig Groeschel, Hope in the Dark.

Usuku 11

Mayelana naloluHlelo

Hope In The Dark

Lolu Hlelo LweBhayibheli olwanoma ubani ozwa ubuhlungu futhi ongaqondi ukuthi kungani. Uma ulahlekelwe okuthile, othile, noma ukholo lwakho luzwakala luntengantenga kwaze kwaba seqophelweni lokuphuka, khona-ke lolu Hlelo LweBhayibheli Oluvela encwadini kaMfundisi weLife.Church uCraig Groeschel, Hope in the Dark, ingase ibe yilokho kanye okudingayo. Uma ufuna ukukholwa, kodwa ungaqiniseki ukuthi kanjani, lokhu kungokwakho.

More

Sithanda ukubonga uPastor Craig Groeschel ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://craiggroeschel.com/