Ithemba EbumnyameniIsampula

Hope In The Dark

USUKU 1 KWEZINGU- 12

Ukuphi, Nkulunkulu? 

Abantu abasheshi bavume ukuphelelwa yithemba. Nxa sebekwenzile lokho, umbuso wezulu uyasondela.

—uPhilip Yancey

Kuzo zonke izimpilo zethu, sonke sifinyelela kumaphuzu lapho sizithola sibambana nemibuzo kamoya. Ngangazi indoda eyabulawelwa unkosikazi wayo weminyaka eyishumi nesishiyagalombili ngumshayeli owayephuzile. Esikhathini esithile ngemva kwesehlakalo, ngangikhuluma naye lapho eqhuma, “UNkulunkulu omuhle ubengeke avumele isilima esidakiwe sibulale umkami futhi asiyeke siphile isilima! Angisenaso isiqiniseko sokuthi uNkulunkulu ukhona. Futhi uma ekhona, kulungile, khona-ke angifuni lutho oluyongihlanganisa nohlobo lukaNkulunkulu olungavumela into enjengaleyo ukuba yenzeke.” 

Angikaze ngikuzwe ukulahlekelwa ukunjengo kwalendoda. Kodwa ngizwa ubuhlungu ngendlela efanayo. Ngaphezu kwalokho, ngabona ukuthi ngaphansi kobuhlungu bakhe, wayefuna ukuthembela kuNkulunkulu. Ukuthi nje ngaleso sikhathi, akakwazanga ukuhlanganisa ubuhlungu ayebuzwa nomfanekiso kaNkulunkulu ayefuna ukukholelwa kuye. 

Ngabhala Le ncwadi kanye noHlelo lweBhayibheli ngibhalela abantu abaningi abanenkinga yokukholelwa ukuthi uNkulunkulu unendaba nabo, ikakhulukazi lapho bezithola bephakathi kobunzima. Uma ukhubeka esigodini, kunzima ukubona ukukhanya. Uyafuna ukukholwa, kodwa unenkinga yokuvumelanisa umlayezo ogcwele ithemba wenkolo yobuKristu nalokho okubonayo eduze kwakho. 

Eminyakeni engaphezu kuka-2,600 edlule, uHabakuki wabuza imibuzo eminingi efanayo abantu emhlabeni wonke abasayibuza nanamuhla. Futhi ngomusa wakhe, uNkulunkulu wakhulula olunye usizi lukaHabakuki, njengoba ashiya eminye imibuzo ingaphendulwanga. Kodwa ngakolunye uhlangothi lokungabaza kwakhe, uHabakuki wakhula waba umuntu onokholo olucebile, ukholo okungenzeka belungeke lukhule ngokugcwele ukube akazange alwele ukungabaza kwakhe. Sizofunda ngendaba yakhe ezinsukwini ezimbalwa ezizayo. 

Cabanga ngakho. Uma uqonde yonke into ngokuphelele futhi ngokugcwele, ubungeke udinge ukholo, akunjalo? Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukuthokozisa uNkulunkulu (KumaHeberu 11:6). Kungani? Ngoba ukholo nokwethemb kufanele kuvele othandweni, hhayi ebuhlotsheni bebhizinisi, ukuthengiselana, noma isimo esingenakuzikhethela.

Ingabe uzimisele ukubuza imibuzo eqotho? Ukulwa? 

Okubaluleke kakhulu, ingabe uzimisele ukulalela ukuze uthole impendulo kaNkulunkulu? 

Thandaza: Ngilungele ukulwa nokungabaza nemibuzo yami. Ngilungele ukulalela lokho ozokusho kimi, Nkulunkulu. Amen.

Okuningi okuvela ku-Craig Groeschel

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Hope In The Dark

Lolu Hlelo LweBhayibheli olwanoma ubani ozwa ubuhlungu futhi ongaqondi ukuthi kungani. Uma ulahlekelwe okuthile, othile, noma ukholo lwakho luzwakala luntengantenga kwaze kwaba seqophelweni lokuphuka, khona-ke lolu Hlelo LweBhayibheli Oluvela encwadini kaMfundisi weLife.Church uCraig Groeschel, Hope in the Dark, ingase ibe yilokho kanye okudingayo. Uma ufuna ukukholwa, kodwa ungaqiniseki ukuthi kanjani, lokhu kungokwakho.

More

Sithanda ukubonga uPastor Craig Groeschel ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://craiggroeschel.com/