Isimo sengqondoIsampula
Kuthiwa isimo senqqondo siyiko konke. Awukwazi ukuhlala ulawula okwenzeka kuwe, kodwa kuhlala kusemandleni akho ukuthi uphendula kanjani. Isimo sengqondo yakho iyona kuphela into okwazi ukuyilawula ngokuphelele ngaso sonke isikhathi. IBhayibheli lisebenzisa igama elithi umqondo ukuchaza isimo sakho sengqondo kulokho esivame ukusebenzisa khona isimo sengqondo. Nakuba kunjalo, lokho okucabangayo kuvela ezenzweni kanti lezo zenzo ziholela kwimikhuba. Imikhuba yakho ihlumisa ubuwena bese ubuwena buhlumisa ikusasa lakho. Konke kuqala ngesimo sakho sengqondo kanye nomqondo wakho. Lithini iBhayibheli ngesimo sakho sengqondo?
Mayelana naloluHlelo
Ukuba nesimo sengqondo esilungile kuzo zonke izimo kuyinselela yangempela. Loluhlelo lwezinsuku eziyisi khombisa luzokunika umbono weBhayibheli, ngendinyana emfushane yosuku ngalunye. Funda indinyana, uthathe isikhathi uzihlolisise ngeqiniso, bese uvumela uNkulunkulu ukuthi akhulume nesimo sakho. Ukuthola okunye, bheka i finds.life.churh
More
Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church.tv