KwabaseRoma 4:1-8
KwabaseRoma 4:1-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho siyakuthi u-Abrahama ubaba wethu ufumeneni ngokwenyama na? Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa hhayi phambi kukaNkulunkulu. Ngoba uthini umbhalo? U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga. Kepha kosebenzayo umvuzo awubalwa ngokomusa, kodwa ngokwesikweletu. Kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa kuye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalwa ukuthi kungukulunga. Njengoba laye uDavida ekhuluma ngokubusiswa komuntu, uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi; esithi: Babusisiwe abathethelelwe iziphambeko zabo, lalabo izono zabo zisitshekelwe. Ubusisiwe umuntu iNkosi engayikubalela isono.
KwabaseRoma 4:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u-Abhrahama ukhokho wethu ngokwenyama na? Ngokuba uma u-Abhrahama walungisiswa ngemisebenzi, unokuzigabisa, kodwa hhayi phambi kukaNkulunkulu. Kanti umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye kwaba ngukulunga.” Kodwa kumuntu osebenzayo, umholo awutholayo awubalelwa kuye ngokomusa, kodwa njengemfanelo yakhe. Kepha kulowo ongasebenziyo, nokho ekholwa yilowo olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa kuye, kube ngukulunga. Njengalokhu noDavide ekhuluma ngokubusiswa komuntu, uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi: “Babusisiwe abazeqo zabo zithethelelwe, nabazono zabo zisitshekelwe; ubusisiwe umuntu iNkosi engayikumbalela isono.”
KwabaseRoma 4:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u-Abrahama, ukhokho wethu, ngokwenyama na? Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa phambi kukaNkulunkulu qha. Ngokuba umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.” Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo; kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga, njengalokhu noDavide esho ngokubusiswa komuntu uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi: “Babusisiwe abathethelelwe izeqo zabo, nabazono zabo zisitshekelwe; ubusisiwe umuntu iNkosi engayikumbalela isono. U-Abrahama wamukeliswa isithembiso ngokukholwa.”
KwabaseRoma 4:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)