Ngakho siyakuthi u-Abrahama ubaba wethu ufumeneni ngokwenyama na? Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa hhayi phambi kukaNkulunkulu. Ngoba uthini umbhalo? U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga. Kepha kosebenzayo umvuzo awubalwa ngokomusa, kodwa ngokwesikweletu. Kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa kuye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalwa ukuthi kungukulunga. Njengoba laye uDavida ekhuluma ngokubusiswa komuntu, uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi; esithi: Babusisiwe abathethelelwe iziphambeko zabo, lalabo izono zabo zisitshekelwe. Ubusisiwe umuntu iNkosi engayikubalela isono.
Funda KwabaseRoma 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 4:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo