KwabaseRoma 14:5-19

KwabaseRoma 14:5-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe. Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu. Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena; ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi. Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo. Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi, ‘kimina ayakuguqa amadolo onke, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ” Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu. Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso. Ngiyazi, nganelisiwe eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo; kepha kuye othi lubi, kuyena lubi. Ngokuba uma umzalwane wakho edabukiswa ngenxa yokudla, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKristu. Ngalokho okuhle kwenu makungahlanjalazwa. Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele, ngokuba okhonza uKristu kulokhu uthandekile kuNkulunkulu, ukholekile kubantu. Ngalokho-ke asijonge okokuthula nokokwakhana.

KwabaseRoma 14:5-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke. Yilowo nalowo makaqiniseke kweyakhe ingqondo. Ohlonipha usuku ulugcina eNkosini; futhi lowo ongalunanzi usuku, eNkosini. Odlayo udla eNkosini, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo akadli ngenxa yeNkosi, futhi ubonga uNkulunkulu. Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho ozifela yena. Ngokuba noma siphila, siphilela iNkosi; noma sifa, sifela iNkosi; ngakho-ke noma siphila, noma sifa, singabeNkosi. Ngoba ngenxa yalokhu uKristu wafa, wabuye wavuka, waphila, ukuze abe yiNkosi yabafileyo nabaphilayo. Kepha umahlulelani umfowenu na? Udelelani umfowenu na? ngoba sonke siyakuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Kuphila kwami,” isho iNkosi, “amadolo onke ayakuguqa phambi kwami, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu. Ngakho-ke yilowo nalowo kithi uyakuziphendulela kuNkulunkulu. Ngakho-ke masingabe sisahlulelana, kepha kunalokho yahlulelani lokhu, ukuba kungabikho obeka isikhubekiso noma isikhubekiso endleleni yomzalwane. Ngiyazi, futhi ngiyaqiniseka eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo; Kepha uma umfowenu edabukiswa ngokudla, awusahambi ngokothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho, amfelayo uKristu. Ngakho okuhle kwenu makungahlanjalazwa; Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokunatha; kodwa ukulunga, lokuthula, lenjabulo kuMoya oNgcwele. Ngokuba okhonza uKristu ngalezizinto uyemukeleka kuNkulunkulu, ukholekile ebantwini. Ngakho-ke kasilandeleni izinto eziletha ukuthula lezinto esingakhana ngazo.

KwabaseRoma 14:5-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Omunye uqhakambisa olunye usuku kunolunye, omunye azithathe ngokufana zonke izinsuku; makube yilowo nalowo aqiniseke emqondweni wakhe ngakucabangayo. Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi, nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu, nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, naye ubonga uNkulunkulu. Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena; ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi, uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi. Ngenxa yalokho uKhristu wafa, wabuye waphila ukuze abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo. Umehlulelelani-ke wena umzalwane wakho na? Futhi umedelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwehlulela sikaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngifunga ukuphila kwami, wonke amadolo ayoguqa kimi, nezilimi zonke ziyovuma, uNkulunkulu.’ ” Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu. Ngakho masingabe sisehlulelana, kodwa kunalokho nqumani ukuthi akukho mzalwane oyakuba yisithiyo noma ugibe. Ngiyazi, njengokuba nginesiqiniseko eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho olungcolileyo ngokwalo, kuphela kulowo othi kungcolile, kuyena-ke kungcolile. Ngokuba uma umzalwane wakho ekhubeka ngenxa yokudla okudlayo, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKhristu. Ngalokho-ke okuhle kwenu makunganyembenywa. Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele; lowo okhonza uKhristu kulokhu, uyathandeka kuNkulunkulu, uyancomeka nakubantu. Ngalokho-ke masiphokophelele lezo zinto eziletha ukuthula nokwakhana.

KwabaseRoma 14:5-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)