Kwabase Roma 14

14
KwabaseRoma 14
1Obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kodwa kungabi ngokuphikisana.
2Ngokuba omunye ukholwa ukuthi angadla konke; omunye obuthakathaka udla imifino.
3Odlayo makangadeleli ongadli; futhi ongadliyo makangahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.
4Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? ukuma noma ukuwa enkosini yaso. Yebo, uyakuphakanyiswa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okummisa.
5Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke. Yilowo nalowo makaqiniseke kweyakhe ingqondo.
6Ohlonipha usuku ulugcina eNkosini; futhi lowo ongalunanzi usuku, eNkosini. Odlayo udla eNkosini, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo akadli ngenxa yeNkosi, futhi ubonga uNkulunkulu.
7Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho ozifela yena.
8Ngokuba noma siphila, siphilela iNkosi; noma sifa, sifela iNkosi; ngakho-ke noma siphila, noma sifa, singabeNkosi.
9Ngoba ngenxa yalokhu uKristu wafa, wabuye wavuka, waphila, ukuze abe yiNkosi yabafileyo nabaphilayo.
10Kepha umahlulelani umfowenu na? Udelelani umfowenu na? ngoba sonke siyakuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu.
11Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Kuphila kwami,” isho iNkosi, “amadolo onke ayakuguqa phambi kwami, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.
12Ngakho-ke yilowo nalowo kithi uyakuziphendulela kuNkulunkulu.
13Ngakho-ke masingabe sisahlulelana, kepha kunalokho yahlulelani lokhu, ukuba kungabikho obeka isikhubekiso noma isikhubekiso endleleni yomzalwane.
14Ngiyazi, futhi ngiyaqiniseka eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo;
15Kepha uma umfowenu edabukiswa ngokudla, awusahambi ngokothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho, amfelayo uKristu.
16Ngakho okuhle kwenu makungahlanjalazwa;
17Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokunatha; kodwa ukulunga, lokuthula, lenjabulo kuMoya oNgcwele.
18Ngokuba okhonza uKristu ngalezizinto uyemukeleka kuNkulunkulu, ukholekile ebantwini.
19Ngakho-ke kasilandeleni izinto eziletha ukuthula lezinto esingakhana ngazo.
20Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngokudla. Zonke izinto zihlanzekile; kodwa kubi kulowomuntu odla ngokukhubeka.
21Kuhle ukungadli inyama, nokungaliphuzi iwayini, nokunye umfowenu akhubeka ngakho, akhubeke, noma abe buthakathaka.
22Ulokholo na? ube nakho phambi kukaNkulunkulu. Ubusisiwe ongazilahliyo kulokho akuvumelayo.
23Ongabazayo, uma edla, ulahliwe, ngokuba engadli ngokukholwa; ngokuba konke okungaveli ekukholweni kuyisono.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase Roma 14: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo