KwabaseRoma 14:10-13
KwabaseRoma 14:10-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi, ‘kimina ayakuguqa amadolo onke, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ” Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu. Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.
KwabaseRoma 14:10-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha umahlulelani umfowenu na? Udelelani umfowenu na? ngoba sonke siyakuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Kuphila kwami,” isho iNkosi, “amadolo onke ayakuguqa phambi kwami, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu. Ngakho-ke yilowo nalowo kithi uyakuziphendulela kuNkulunkulu. Ngakho-ke masingabe sisahlulelana, kepha kunalokho yahlulelani lokhu, ukuba kungabikho obeka isikhubekiso noma isikhubekiso endleleni yomzalwane.
KwabaseRoma 14:10-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Umehlulelelani-ke wena umzalwane wakho na? Futhi umedelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwehlulela sikaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngifunga ukuphila kwami, wonke amadolo ayoguqa kimi, nezilimi zonke ziyovuma, uNkulunkulu.’ ” Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu. Ngakho masingabe sisehlulelana, kodwa kunalokho nqumani ukuthi akukho mzalwane oyakuba yisithiyo noma ugibe.
KwabaseRoma 14:10-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)