KwabaseRoma 11:1-6
KwabaseRoma 11:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngalokho-ke ngithi: ngabe uNkulunkulu usilahlile yini isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abhrahama, wesizwe sakwaBhenjamini. UNkulunkulu akasilahlile isizwe sakhe ayesazi phambilini. Kanti anazi yini ukuthi uthini umbhalo ngo-Eliya lapho enxusa uNkulunkulu emelene no-Israyeli na? Uthi: “Nkosi, bababulele abaphrofethi bakho, badiliza ama-althare akho; kusele mina ngedwa, sebefuna ukungibulala nami.” Kepha ithini impendulo kaNkulunkulu kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizi-7 000 angazange amkhothamele uBhali.” Kanjalo nangalesi sikhathi samanje ikhona insali ekhethwe ngokomusa. Kepha uma kungokomusa, akusayi ngemisebenzi; ngokuba uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.
KwabaseRoma 11:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalokho ngithi: UNkulunkulu usilahlile isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini. UNkulunkulu akasilahlanga isizwe sakhe ayesazi ngaphambili. Kumbe anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya ukuba umangalela u-Israyeli kuNkulunkulu ngokuthi: “Nkosi, bababulele abaprofethi bakho, badilizile ama-altare akho, mina ngisele ngedwa, sebefuna ukungibulala nami,” na? Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.” Kanjalo kukhona nangalesi sikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa; kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.
KwabaseRoma 11:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho ngithi: UNkulunkulu ubalahlile abantu bakhe na? UNkulunkulu akakuvumeli. Ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini. UNkulunkulu akabalahlanga abantu bakhe ayebazi ngaphambili. Anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya na? ukuthi umncenga kanjani uNkulunkulu ngoIsrayeli, ethi: Nkosi, bababulele abaprofethi bakho, badilizile ama-altare akho; mina ngisele ngedwa, sebefuna ukuphila kwami. Kodwa ithini impendulo kaNkulunkulu kuye? Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga kuBhali. Kanjalo namanje kukhona insali ngokokhetho lomusa. Uma kungomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa. Kepha uma kuya ngemisebenzi, akuseyiwo umusa; uma kungenjalo umsebenzi awusewumsebenzi.
KwabaseRoma 11:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho ngithi: UNkulunkulu ubalahlile abantu bakhe na? UNkulunkulu akakuvumeli. Ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini. UNkulunkulu akabalahlanga abantu bakhe ayebazi ngaphambili. Anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya na? ukuthi umncenga kanjani uNkulunkulu ngoIsrayeli, ethi: Nkosi, bababulele abaprofethi bakho, badilizile ama-altare akho; mina ngisele ngedwa, sebefuna ukuphila kwami. Kodwa ithini impendulo kaNkulunkulu kuye? Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga kuBhali. Kanjalo namanje kukhona insali ngokokhetho lomusa. Uma kungomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa. kepha uma kuya ngemisebenzi, akuseyiwo umusa; uma kungenjalo umsebenzi awusewumsebenzi.