IsAmbulo 2:20-23
IsAmbulo 2:20-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kodwa ngilezinto ezinlutshwana ngawe, ukuthi uvumela owesifazana uJezebeli, ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ukufundisa lokuduhisa inceku zami ukuthi ziphinge lokuthi zidle okuhlatshelwe izithombe. Ngamnika isikhathi sokuthi aphenduke ebufebeni bakhe; futhi kaphendukanga. Bheka, ngiyakumphonsa embhedeni, abaphinga naye ngibaphonse osizini olukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yabo. Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo
IsAmbulo 2:20-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“ ‘Kepha enginakho okungihluphayo ngawe, ukuthi uvumela owesifazane uJezebheli, lo ozibiza ngomphrofethikazi, ukuba afundise, adukise izinceku zami ukuze zifebe, futhi zidle okuhlatshelwe izithombe. Ngamnika ithuba lokuba aphenduke, kodwa akavumi ukuphenduka ebufebeni bakhe. Manje ngimphonsa embhedeni nalabo abaphinga naye, ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, ngaphandle kokuba baphenduke emisebenzini yakhe. Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.
IsAmbulo 2:20-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe; ngamnika isikhathi sokuba aphenduke, kepha kavumi ukuphenduka ekufebeni kwakhe. Bheka, ngiyamphonsa embhedeni, nabaphinga naye ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yakhe; ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.
IsAmbulo 2:20-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)