IsAmbulo 2:2-3
IsAmbulo 2:2-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngiyayazi imisebenzi yakho, nomshikashika wakho, nokubekezela kwakho, nokuthi ungebekezelele ababi; wabekezela, wabekezela, ngenxa yebizo lami wakhandleka, kawuphela amandla.
IsAmbulo 2:2-3 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngiyayazi imisebenzi yakho, nomshikashika wakho, nokubekezela kwakho, nokuthi ungebekezelele ababi; wabekezela, wabekezela, ngenxa yebizo lami wakhandleka, kawuphela amandla.
IsAmbulo 2:2-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
ngiyayazi imisebenzi yakho, ukusebenza kanzima, nokubekezela kwakho, nokuthi awubabekezeleli ababi, nokuthi wabavivinya labo ababezibiza ngabaphostoli bebe bengesibo, wabafumana beqamba amanga. Wakhuthazela, futhi wabekezela ngenxa yegama lami; awuzange ukhathale.
IsAmbulo 2:2-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga; unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga.