AmaHubo 95:1-11
AmaHubo 95:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wozani simhubele uSimakade, silihlokomele ngenjabulo idwala lensindiso yethu. Masize phambi kwakhe ngokubonga, simhubele amahubo. Ngokuba uSimakade unguNkulunkulu omkhulu, uyiNkosi enkulu ngaphezu konkulunkulu bonke. Esandleni sakhe kukhona izinzulu zomhlaba, neziqongo zezintaba ngezakhe nazo. Ulwandle ngolwakhe, walwenza, nomhlabathi owomileyo wawubumba ngezandla zakhe. Wozani sikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaSimakade, uMenzi wethu. Ngokuba Yena unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe. Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeribha, njengasosukwini lwaseMasa, ehlane, lapho okhokho benu bangilinga khona, bangivivinya, bewubonile umsebenzi wami. Iminyaka engamashumi amane, nganengwa yileso sizukulwane, ngaze, ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abangazazanga izindlela zami.” Ngafunga ngabo olakeni lwami, ngathi
AmaHubo 95:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wozani simhubele uJehova, sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu. Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga, sihlabelele kuye ngamahubo. Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu, uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke. Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba; iziqongo zezintaba ngezakhe nazo. Ulwandle ngolwakhe, walwenza; nomhlabathi owomileyo izandla zakhe zawubumba. Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu. Ngokuba yena unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe. Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeriba, njengasosukwini lwaseMasa ehlane, lapho oyihlo bangilinga khona, bangivivinya, babona umsebenzi wami. Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane, ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,” engafunga ngabo olakeni lwami, ngathi: “Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”
AmaHubo 95:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wozani sihlabelele inkazimulo kaJehova, sijabule kulo idwala lensindiso yethu. Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga, simdumise ngamahubo. Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu neNkosi enkulu phezu kwabo bonke onkulunkulu. Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba; namandla ezintaba angawakhe. Ulwandle ngolwakhe, walwenza, izandla zakhe zabumba umhlabathi owomileyo. Wozani sikhuleke, sikhothame; masiguqe phambi kukaJehova uMdali wethu. Ngokuba unguNkulunkulu wethu; thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe. Namuhla uma ufuna ukuzwa izwi lakhe, Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengasekulingweni nanjengasosukwini lokulingwa ehlane. Lapho oyihlo bangilinga, bangivivinya, babona umsebenzi wami. Kwasekuyiminyaka engamatshumi amane ngidabukile ngalesisizukulwana, ngathi: Laba ngabantu abadukileyo enhliziyweni zabo, njalo abazazi izindlela zami. Engafunga kubo entukuthelweni yami ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwami.