AMahubo 95

95
Ukubonga Nokuhubela USimakade
1Wozani simhubele uSimakade,
silihlokomele ngenjabulo
idwala lensindiso yethu.
2Masize phambi kwakhe ngokubonga,
simhubele amahubo.
3Ngokuba uSimakade unguNkulunkulu omkhulu,
uyiNkosi enkulu ngaphezu konkulunkulu bonke.
4Esandleni sakhe kukhona izinzulu zomhlaba,
neziqongo zezintaba ngezakhe nazo.
5Ulwandle ngolwakhe,
walwenza, nomhlabathi owomileyo
wawubumba ngezandla zakhe.
6Wozani sikhuleke, sikhothame,
siguqe phambi kukaSimakade, uMenzi wethu.
7Ngokuba Yena unguNkulunkulu wethu,
thina singabantu bedlelo lakhe
nezimvu zesandla sakhe.
8Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeribha,
njengasosukwini lwaseMasa, ehlane,
9lapho okhokho benu bangilinga khona, bangivivinya,
bewubonile umsebenzi wami.
10Iminyaka engamashumi amane,
nganengwa yileso sizukulwane, ngaze, ngathi:
“Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile,
abangazazanga izindlela zami.”
11Ngafunga ngabo olakeni lwami, ngathi:
“Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 95: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo