AMahubo 94

94
UNkulunkulu Ophindiselelayo Ezitheni
1Nkulunkulu ophindiselelayo,
Simakade, Nkulunkulu ophindiselelayo, vela ukhanye.
2Phakama, Mehluleli womhlaba,
uziphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.
3Simakade, kuyoze kube nini ababi,
kuyoze kube nini ababi bethaba na?
4Bakhulumela futhi,
bakhuluma amagama ayiziswana,
bonke abenzi bokubi bayazigabisa.
5Simakade, baphohloza isizwe sakho,
nefa lakho balinyathela phansi.
6Babulala abafelokazi nabafokazi,
babulale nezintandane.
7Bathi:
“USimakade akaboni,
uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”
8Qaphelani nina zithutha eziphakathi kwabantu,
nani ziwula, niyakuqonda nini na?
9Owenza indlebe kanakuzwa na?
Owadala iso kanakubona na?
10Othethisa abezizwe,
Yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?
11USimakade uyayazi imicabango yabantu
ukuthi ingumoya nje.
12Simakade, ubusisiwe umuntu omyalayo,
omfundisa ngomthetho wakho.
13Umenza aphumule ezinsukwini ezimbi,
aze ambele umgodi lowo ongenamthetho.
14Ngokuba uSimakade akayukubalahla abantu bakhe,
nefa lakhe akayukulishiya.
15Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwehluleleni,
bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.
16Ngubani oyakungimela phambi kwababi na?
Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?
17Ukuba uSimakade ubengesilo usizo lwami,
umphefumulo wami ubuyakushesha
ukuhlala endaweni yabafileyo.
18Lapho ngithi unyawo lwami lushibilikile,
umusa wakho, Simakade, wangiphasa.
19Emicabangweni eminingi yenhliziyo yami,
ukududuza kwakho kuyawuthokozisa umphefumulo wami.
20Isihlalo sobubi singahlanganyela yini nawe,
leso esisebenza okubi
kungathi kusemthethweni na?
21Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo,
balahla umuntu ongenacala ukuba afe.
22Kepha uSimakade waba yinqaba yami,
uNkulunkulu wami waba yidwala engiphephela kulo.
23Ukukhohlakala kwabo ukuphindisela kubo,
uyobaqeda nya ngobubi babo;
uSimakade uNkulunkulu wethu uyabaqeda.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 94: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo