AmaHubo 8:3-6
AmaHubo 8:3-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo, uyini umuntu ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na? Umenzile waba ngaphansana kukaNkulunkulu, wamthwesa umqhele wodumo nobukhosi, umenze wabusa phezu kwemisebenzi yezandla zakho; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe
AmaHubo 8:3-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo, umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na? Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu, wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi. Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho; konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe
AmaHubo 8:3-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho ngibona amazulu akho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo; Umuntu uyini ukuthi umkhumbule? nendodana yomuntu ukuthi uyivakashele na? Ngokuba wamenza waba mncinyane kancane kunezingelosi, wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo. Wamenza wabusa phezu kwemisebenzi yezandla zakho; Konke ubeke phansi kwezinyawo zakhe