AmaHubo 77:9-13
AmaHubo 77:9-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na? Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela* Ngase ngithi: “Yilokhu ukuhlupheka kwami, ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.” Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova, yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo, ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho. Indlela yakho, Nkulunkulu, isebungcweleni; ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na?
AmaHubo 77:9-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngabe uNkulunkulu usekulibele yini ukuba nozwelo? Ngabe ulaka lwakhe selugabhe uzwelo analo na?” Ngase ngithi: “Kungukuhlupheka kimi ukuthi isandla soPhezukonke sesiguqukile.” Ngiyakuzikhumbula izenzo zikaSimakade, yebo, ngizikhumbule izimangaliso zasendulo, ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho. Indlela yakho, Nkulunkulu, ingcwele. Yimuphi unkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu wethu na?
AmaHubo 77:9-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu ukhohliwe yini ukuba lesihawu? Usewuvalile yini umusa wakhe ngolaka? Sela. Ngase ngithi: Lokhu kungubuthakathaka bami, kepha ngiyakukhumbula iminyaka yesandla sokunene soPhezukonke. Ngiyakukhumbula imisebenzi kaJehova; ngiyakukhumbula izimangaliso zakho zasendulo. Ngiyakuzindla ngawo wonke umsebenzi wakho, ngikhulume ngezenzo zakho. O Nkulunkulu, indlela yakho isendlini engcwele; ngubani uNkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu wethu na?