Amahubo 77:9-13

Amahubo 77:9-13 CZB24

UNkulunkulu ukhohliwe yini ukuba lesihawu? Usewuvalile yini umusa wakhe ngolaka? Sela. Ngase ngithi: Lokhu kungubuthakathaka bami, kepha ngiyakukhumbula iminyaka yesandla sokunene soPhezukonke. Ngiyakukhumbula imisebenzi kaJehova; ngiyakukhumbula izimangaliso zakho zasendulo. Ngiyakuzindla ngawo wonke umsebenzi wakho, ngikhulume ngezenzo zakho. O Nkulunkulu, indlela yakho isendlini engcwele; ngubani uNkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu wethu na?