AMahubo 77:9-13

AMahubo 77:9-13 ZUL20

Ngabe uNkulunkulu usekulibele yini ukuba nozwelo? Ngabe ulaka lwakhe selugabhe uzwelo analo na?” Ngase ngithi: “Kungukuhlupheka kimi ukuthi isandla soPhezukonke sesiguqukile.” Ngiyakuzikhumbula izenzo zikaSimakade, yebo, ngizikhumbule izimangaliso zasendulo, ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho. Indlela yakho, Nkulunkulu, ingcwele. Yimuphi unkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu wethu na?