AmaHubo 73:21-26
AmaHubo 73:21-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi lapho inhliziyo yami iba nomunyu, nezinso zami zibhokodwa, ngaba yisiphukuphuku, angaze ngazi lutho, ngaba yisilwane kuwe. Kepha mina ngiyakube nginawe njalo, ungibambile ngesandla sami sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni. Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
AmaHubo 73:21-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu, kuhlaba ezinsweni zami, ngaba yisiphukuphuku, angaqonda lutho; ngaba yisilwane kuwe. Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni. Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
AmaHubo 73:21-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho inhliziyo yami yaba lusizi, futhi ngahlatshwa ezinso zami. Ngangiyisiwula futhi ngingenalwazi: Nganginjengesilwane phambi kwakho. Kodwa mina nginani njalo; ungibambe ngesandla sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, ungamukele kamuva enkazimulweni. Ngubani enginaye ezulwini ngaphandle kwakho? futhi kakho emhlabeni engimfisayo ngaphandle kwakho. Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.