AmaHubo 64:1-10
AmaHubo 64:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yizwa izwi lami, Nkulunkulu, ekukhaleni kwami, ulondoloze impilo yami ezinsongweni zesitha. Ngifihle kuyo inguyazana yababi, nasesixukwini sabenza okubi, abalola ulimi lwabo njengenkemba, bacibe imicibisholo yabo engamazwi ababayo, ukuze bazume ongenacala bamdubule, bamdubule engazelele; abanaluvalo. Badudana ngecebo elibi, bahlele ukucupha izingibe, bethi: “Siyobonwa ngubani na?” Basongoza izenzo ezimbi, bathi: “Siliphethile icebo elisongoziweyo;” izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile. Kepha uNkulunkulu uyakubaciba ngomcibisholo, bagwazwe ngokuzunywa. Bayakuwiswa, bahilwe lulimi lwabo, bonke abababonayo bayonikina amakhanda. Bonke abantu bayokwesaba, bayoshumayela ngemisebenzi kaNkulunkulu, bakuqonde akwenzileyo. Olungileyo uyothokoza kuSimakade, aphephele kuye. Bonke abaqotho ngenhliziyo, badumise.
AmaHubo 64:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yizwa, Nkulunkulu, izwi lami ekukhaleni kwami, ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha. Ngisithe esigungwini sababi nasesixukwini sabenza okubi, abalola ulimi lwabo njengenkemba, bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha, bamdubule ngokuzuma bengesabi. Baqinela icebo elibi; bakhuluma ngokufihla izingibe; bathi: “Ngubani oyakusibona na?” Basongoza izenzo ezimbi, bathi: “Siliqedile icebo elisongoziweyo,” izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile. Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo; bagwazwe ngokuzunywa. Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo; bonke abababonayo bayonikina ikhanda. Bonke abantu bayashaywa luvalo; bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu, baqonde akwenzileyo. Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.
AmaHubo 64:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Yizwa, Nkulunkulu, izwi lami emkhulekweni wami, ulondoloze ukuphila kwami ekwesabeni isitha. Ngifihle engosini yababi; ngokuhlubuka kwabenzi bokubi; abalola ulimi lwabo njengenkemba, bansala imicibisholo yabo, yebo, amazwi ababayo; Ukuze badubule abaphelele ngasese; ngokuphazima kweso bayamdubula bangesabi. Bazikhuthaza entweni embi; bathi: Ngubani ozozibona? Baphenya ukungalungi; baphenya ngenkuthalo: umcabango ongaphakathi walowo nalowo nenhliziyo ujulile. Kepha uNkulunkulu uyakucibishela kubo ngomcibisholo; ngokuzumayo bayakulinyazwa. Bazayekela olwabo ulimi luwele phezu kwabo; bonke abababonayo bazabaleka. Bonke bayakwesaba, bamemezele umsebenzi kaNkulunkulu; ngoba izenzo zakhe bazozicabangela ngokuhlakanipha. Abalungileyo bayakuthokoza kuJehova, bathembele kuye; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.