AMahubo 64

64
Umkhuleko Wocela Ukuvikelwa Ezitheni
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide
1Yizwa izwi lami, Nkulunkulu,
ekukhaleni kwami,
ulondoloze impilo yami
ezinsongweni zesitha.
2Ngifihle kuyo inguyazana yababi,
nasesixukwini sabenza okubi,
3abalola ulimi lwabo njengenkemba,
bacibe imicibisholo yabo engamazwi ababayo,
4ukuze bazume ongenacala bamdubule,
bamdubule engazelele;
abanaluvalo.
5Badudana ngecebo elibi,
bahlele ukucupha izingibe, bethi:
“Siyobonwa ngubani na?”
6Basongoza izenzo ezimbi, bathi:
“Siliphethile icebo elisongoziweyo;”
izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.
7Kepha uNkulunkulu uyakubaciba ngomcibisholo,
bagwazwe ngokuzunywa.
8Bayakuwiswa, bahilwe lulimi lwabo,
bonke abababonayo bayonikina amakhanda.
9Bonke abantu bayokwesaba,
bayoshumayela ngemisebenzi kaNkulunkulu,
bakuqonde akwenzileyo.
10Olungileyo uyothokoza kuSimakade,
aphephele kuye.
Bonke abaqotho ngenhliziyo, badumise.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 64: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo