Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Yizwa, Nkulunkulu, izwi lami emkhulekweni wami, ulondoloze ukuphila kwami ekwesabeni isitha. Ngifihle engosini yababi; ngokuhlubuka kwabenzi bokubi; abalola ulimi lwabo njengenkemba, bansala imicibisholo yabo, yebo, amazwi ababayo; Ukuze badubule abaphelele ngasese; ngokuphazima kweso bayamdubula bangesabi. Bazikhuthaza entweni embi; bathi: Ngubani ozozibona? Baphenya ukungalungi; baphenya ngenkuthalo: umcabango ongaphakathi walowo nalowo nenhliziyo ujulile. Kepha uNkulunkulu uyakucibishela kubo ngomcibisholo; ngokuzumayo bayakulinyazwa. Bazayekela olwabo ulimi luwele phezu kwabo; bonke abababonayo bazabaleka. Bonke bayakwesaba, bamemezele umsebenzi kaNkulunkulu; ngoba izenzo zakhe bazozicabangela ngokuhlakanipha. Abalungileyo bayakuthokoza kuJehova, bathembele kuye; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.
Funda Amahubo 64
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 64:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo