AmaHubo 62:1-5
AmaHubo 62:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela; insindiso yami ivela kuye. Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu. Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango oludilikayo na? Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe, bathanda amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela* Mphefumulo wami, zithulisele kuNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.
AmaHubo 62:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba insindiso yami ivela kuye. NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa. Kuyoze kube nini, nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke, njengodonga olutshekile nothango oludilikayo na? Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.
AmaHubo 62:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, kuJedutuni, ihubo likaDavide. Impela, umphefumulo wami ulindela uNkulunkulu, insindiso yami ivela kuye. Yena yedwa uyidwala lami nensindiso yami; uyisivikelo sami; Ngeke nginyakazeke kakhulu. Koze kube nini niceba okubi ngomuntu? niyakubulawa nonke; njengodonga olugobayo nanjengothango oludilikayo. Bacebisana kuphela ukuze bamlahle ekuphakameni kwakhe; bajabulela amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayathuka. Sela. Mphefumulo wami, lindela uNkulunkulu kuphela; ngoba ithemba lami livela kuye.