AMahubo 62:1-5

AMahubo 62:1-5 ZUL20

Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba insindiso yami ivela kuye. NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa. Kuyoze kube nini, nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke, njengodonga olutshekile nothango oludilikayo na? Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.