AmaHubo 56:8-11
AmaHubo 56:8-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wena ukunakile ukuzulazula kwami, izinyembezi zami zethe egabheni lakho. Kanti azikho yini encwadini yakho na? Izitha zami bese zibuyela emuva mhla ngikhalayo, ngiyakwazi lokhu, ukuthi uNkulunkulu unami. KuNkulunkulu, engiyakulidumisa izwi lakhe, kuSimakade, engiyakulidumisa izwi lakhe. Ithemba lami likuNkulunkulu, angiyukwesaba. Umuntu angangenzani na?
AmaHubo 56:8-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ukuzula kwami ukubalile wena; yetha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na? Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami. KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi; kuJehova ngiyakulidumisa izwi. Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?
AmaHubo 56:8-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ukuzulazula kwami uyakubona, uthi: Thela izinyembezi zami embizeni yakho; ayikho encwadini yakho? Lapho ngikhala kuwe, izitha zami ziyakubuya; engikwaziyo; ngoba uNkulunkulu ungakimi. KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi lakhe, kuJehova ngidumise izwi lakhe. Ngibeka ithemba lami kuNkulunkulu; angiyikwesaba ukuthi umuntu angangenzani.