AmaHubo 44:1-26
AmaHubo 44:1-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, okhokho besilandisa ngesenzo owasenzayo emihleni yabo, emihleni yasendulo. Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho, kepha bona wabatshala; wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa. Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda. Wena Nkulunkulu uyinkosi yami; yaleza ukusindiswa kukaJakobe. Ngawe sizakulahla phansi izitha zethu; ngegama lakho sizakunyathela abasivukelayo. Ngokuba angiwethembi umnsalo wami, nenkemba yami ayingisindisi; kepha nguwe owasisindisa ezitheni zethu, wajabhisa abasizondayo. Sizincoma ngoNkulunkulu usuku lonke; igama lakho siyalibonga kuze kube phakade. Sela* Nokho ususilahlile, wasijabhisa; awusaphumi nezimpi zethu. Usihlehlisela emuva esitheni; abasizondayo bayaziphangela. Usinikezele ukudliwa njengezimvu, wasihlakaza phakathi kwabezizwe. Uthengisa ngesizwe sakho ngokuyize; awuzuzi lutho ngokubiza ngaso. Usenza isihlamba kubakhelwane bethu, inhlekiso nendumazo kwabasiphahlileyo. Usenza isaga kwabezizwe, banikine ikhanda phakathi kwabantu. Usuku lonke ukudunyazwa kwami kuphambi kwami, namahloni amboza ubuso bami ngenxa yoklolodayo nojivazayo, ngenxa yesitha nomphindiseli. Konke lokho kusehlele, kodwa asikukhohlwanga wena; asisaphulanga isivumelwano sakho. Inhliziyo yethu ayibuyelanga emuva; izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho, uze usiphahlaze endaweni yezimpungushe, usimboze ngethunzi lokufa. Uma ngabe sikhohliwe igama likaNkulunkulu wethu, sazelulela izandla zethu kunkulunkulu mumbe, uNkulunkulu ubengayikukuhlola na? Ngokuba yena uyazazi izimfihlakalo zenhliziyo. Yebo, ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, siphathiswa okwezimvu zokuhlatshwa. Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Vuka, ungasilahli njalonjalo. Ubufihlelani ubuso bakho, ukhohlwe ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu, na? Ngokuba umphefumulo wethu ukhothamele othulini; umzimba wethu unamathele emhlabathini. Sukuma, usisize, usihlenge ngenxa yomusa wakho.
AmaHubo 44:1-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora, iMasigili. Sizwile ngezindlebe zethu, Nkulunkulu, ukuthi obaba basitshela umsebenzi owawenza emihleni yabo, emihleni yasendulo. Wazixosha kanjani izizwe ngesandla sakho, wazitshala; Wacindezela, wabaxosha kanjani abantu. Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kepha isandla sakho sokunene nengalo yakho nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawunomusa kubo. Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu; yala insindiso kaJakobe. Ngawe sizacindezela izitha zethu; ngegama lakho siyakunyathela abasivukelayo. Ngokuba angiwethembi umnsalo wami, nenkemba yami ayiyikungisindisa. Kodwa usikhulule ezitheni zethu nakulabo abahlazisa izitha zethu. NgoNkulunkulu siyakudumisa usuku lonke, sidumisa igama lakho kuze kube phakade. Sela. Kodwa usilahlile, wasihlazisa; futhi ungaphumi namabutho ethu. Uyasisusa esitheni, nabasizondayo baziphange bona. Wasinika njengezimvu ezidliwayo; wasihlakazela phakathi kwabezizwe. Uthengisa ngabantu bakho mahhala, ungandisi ingcebo yakho ngentengo yabo. Usenza sibe yihlazo komakhelwane bethu, inhlekisa nesisulu kwabasizungezile. Usenza inhlekisa phakathi kwezizwe, ukunikina amakhanda phakathi kwabantu. Amahloni ami aphambi kwami njalo, lehlazo lobuso bami lingigubuzele; Ngenxa yezwi lomuntu othukayo, ohlambalazayo; ngenxa yesitha nomphindiseli. Konke lokhu kusehlele; nokho asikukhohlwanga wena, nesivumelwano sakho asenzanga amanga. Inhliziyo yethu ayibuyelanga emuva, nezinyathelo zethu aziphendukanga endleleni yakho; Lanxa wawusiphahlaza endaweni yezimpungushe, wasibekela ithunzi lokufa. Uma sikhohliwe iGama likaNkulunkulu wethu, noma selulele izandla zethu kunkulunkulu wezizweni; UNkulunkulu ngeke yini alihlole? ngoba yena uyazazi izimfihlo zenhliziyo. Yebo, ngenxa yakho siyabulawa usuku lonke; sibalwa njengezimvu ezihlatshiweyo. Vuka, uleleni, Nkosi? sukuma, ungasilahli kuze kube phakade. Ufihlelani ubuso bakho, ukhohlwe ukuhlupheka kwethu nokuhlupheka kwethu, na? Ngokuba umphefumulo wethu ukhotheme othulini, izisu zethu zinamathele emhlabathini. Sukuma usisize, usikhulule ngenxa yomusa wakho.
AmaHubo 44:1-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, nokhokho bethu besitshela lokho owakwenza emihleni yabo, emihleni yasemandulo. Wena ngesandla sakho, waxosha izizwe, bona wabatshala; wazibhubhisa izizwe, bona wabakhulula. Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo. Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu, yaleza ukunqoba kukaJakobe. Ngawe sizakuzilahla phansi izitha zethu, ngegama lakho sizakubanyathela abasivukelayo. Ngokuba angethembele emnsalweni wami, nenkemba yami ayingisindisanga. Kepha nguwe osisindisile ezitheni zethu, wabathela ngehlazo abasizondayo. Sizincoma njalo ngoNkulunkulu wethu, silibonge igama lakho ingunaphakade. Sela Nokho usilahlile, wasijabhisa, futhi awusaphumi nezimpi zethu. Usihlehlisela emuva esitheni, abasizondayo bayaziphangela. Usenze safana nezimvu zokuhlatshwa, wasihlakazela phakathi kwezizwe. Isizwe sakho usithengise ngenani eliphansi, wangathola nzuzo ngaso. Usenze isethuko komakhelwane bethu, inhlekisa nendumalo kwabasiphahlileyo. Usenze isaga kwabezizwe, banikina amakhanda phakathi kwabantu. Usuku lonke, ukudunyazwa kwami kuphambi kwami, ihlazo lemboze ubuso bami ngenxa yoklolodayo nojivazayo, nangenxa yesitha nomphindiseleli. Konke lokhu kusehlele, kodwa akusenzanga sakhohlwa nguwe, asisephulanga isivumelwano sakho. Izinhliziyo zethu azikufulathelanga, izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho, kodwa usiphahlazele endaweni yezimpungushe, wasemboza ngethunzi lokufa. Uma singakhohlwa yigama likaNkulunkulu wethu, noma izandla zethu sizivulele unkulunkulu ongaziwa, ngeke yini uNkulunkulu azi ngalokho na? Ngokuba Yena wazi izimfihlo ezisenhliziyweni. Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke, sifana nezimvu zokuhlatshwa. Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Ungasilahli njalonjalo. Ubufihlelani ubuso bakho, ukhohlwe ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu na? Ngokuba sibishe othulini; imizimba yethu inamathele emhlabathini. Sukuma, usisize. Sihlenge ngenxa yomusa wakho.