AMahubo 44:1-26

AMahubo 44:1-26 ZUL20

Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, nokhokho bethu besitshela lokho owakwenza emihleni yabo, emihleni yasemandulo. Wena ngesandla sakho, waxosha izizwe, bona wabatshala; wazibhubhisa izizwe, bona wabakhulula. Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo. Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu, yaleza ukunqoba kukaJakobe. Ngawe sizakuzilahla phansi izitha zethu, ngegama lakho sizakubanyathela abasivukelayo. Ngokuba angethembele emnsalweni wami, nenkemba yami ayingisindisanga. Kepha nguwe osisindisile ezitheni zethu, wabathela ngehlazo abasizondayo. Sizincoma njalo ngoNkulunkulu wethu, silibonge igama lakho ingunaphakade. Sela Nokho usilahlile, wasijabhisa, futhi awusaphumi nezimpi zethu. Usihlehlisela emuva esitheni, abasizondayo bayaziphangela. Usenze safana nezimvu zokuhlatshwa, wasihlakazela phakathi kwezizwe. Isizwe sakho usithengise ngenani eliphansi, wangathola nzuzo ngaso. Usenze isethuko komakhelwane bethu, inhlekisa nendumalo kwabasiphahlileyo. Usenze isaga kwabezizwe, banikina amakhanda phakathi kwabantu. Usuku lonke, ukudunyazwa kwami kuphambi kwami, ihlazo lemboze ubuso bami ngenxa yoklolodayo nojivazayo, nangenxa yesitha nomphindiseleli. Konke lokhu kusehlele, kodwa akusenzanga sakhohlwa nguwe, asisephulanga isivumelwano sakho. Izinhliziyo zethu azikufulathelanga, izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho, kodwa usiphahlazele endaweni yezimpungushe, wasemboza ngethunzi lokufa. Uma singakhohlwa yigama likaNkulunkulu wethu, noma izandla zethu sizivulele unkulunkulu ongaziwa, ngeke yini uNkulunkulu azi ngalokho na? Ngokuba Yena wazi izimfihlo ezisenhliziyweni. Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke, sifana nezimvu zokuhlatshwa. Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Ungasilahli njalonjalo. Ubufihlelani ubuso bakho, ukhohlwe ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu na? Ngokuba sibishe othulini; imizimba yethu inamathele emhlabathini. Sukuma, usisize. Sihlenge ngenxa yomusa wakho.