AMahubo 44

44
Umkhuleko Wabahlulwe Yizitha
Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKhora. IMaskili
1Nkulunkulu, sizwile
ngezindlebe zethu,
nokhokho bethu besitshela
lokho owakwenza
emihleni yabo,
emihleni yasemandulo.
2Wena ngesandla sakho,
waxosha izizwe,
bona wabatshala;
wazibhubhisa izizwe,
bona wabakhulula.
3Ngokuba abalidlanga izwe
ngenkemba yabo,
nengalo yabo ayibasindisanga,
kodwa kwaba yisandla
sakho sokunene
nengalo yakho,
nokukhanya kobukhona bakho,
ngokuba wethaba ngabo.
4Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu,
yaleza ukunqoba kukaJakobe.
5Ngawe sizakuzilahla
phansi izitha zethu,
ngegama lakho
sizakubanyathela abasivukelayo.
6Ngokuba angethembele
emnsalweni wami,
nenkemba yami ayingisindisanga.
7Kepha nguwe osisindisile
ezitheni zethu,
wabathela ngehlazo abasizondayo.
8Sizincoma njalo
ngoNkulunkulu wethu,
silibonge igama lakho
ingunaphakade. Sela
9Nokho usilahlile,
wasijabhisa,
futhi awusaphumi nezimpi zethu.
10Usihlehlisela emuva esitheni,
abasizondayo bayaziphangela.
11Usenze safana nezimvu
zokuhlatshwa,
wasihlakazela phakathi kwezizwe.
12Isizwe sakho usithengise
ngenani eliphansi,
wangathola nzuzo ngaso.
13Usenze isethuko
komakhelwane bethu,
inhlekisa nendumalo
kwabasiphahlileyo.
14Usenze isaga kwabezizwe,
banikina amakhanda
phakathi kwabantu.
15Usuku lonke,
ukudunyazwa kwami
kuphambi kwami,
ihlazo lemboze
ubuso bami
16ngenxa yoklolodayo
nojivazayo,
nangenxa yesitha
nomphindiseleli.
17Konke lokhu kusehlele,
kodwa akusenzanga
sakhohlwa nguwe,
asisephulanga isivumelwano sakho.
18Izinhliziyo zethu azikufulathelanga,
izinyathelo zethu
aziphambukanga endleleni yakho,
19kodwa usiphahlazele
endaweni yezimpungushe,
wasemboza ngethunzi lokufa.
20Uma singakhohlwa yigama
likaNkulunkulu wethu,
noma izandla zethu
sizivulele unkulunkulu ongaziwa,
21ngeke yini uNkulunkulu
azi ngalokho na?
Ngokuba Yena wazi
izimfihlo ezisenhliziyweni.
22Ngenxa yakho, sibulawa
usuku lonke,
sifana nezimvu zokuhlatshwa.
23Vuka, Nkosi!
Ulaleleni na?
Ungasilahli njalonjalo.
24Ubufihlelani ubuso bakho,
ukhohlwe ukuhlupheka
nokucindezelwa kwethu na?
25Ngokuba sibishe othulini;
imizimba yethu
inamathele emhlabathini.
26Sukuma, usisize.
Sihlenge ngenxa
yomusa wakho.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 44: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume