AmaHubo 40:1-2
AmaHubo 40:1-2 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngamlinda ngesineke uSimakade, wayesephendukela ngakimi, wakuzwa ukunxusa kwami. Wangikhipha emgodini wokubhujiswa, odakeni olubishayo, izinyawo zami wazibeka edwaleni, wavikela izinyathelo zami.
Dlulisela
Funda AmaHubo 40AmaHubo 40:1-2 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bengilindela uJehova; wayesezikhothamisela kimi, wezwa ukukhala kwami. Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi, wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami.
Dlulisela
Funda AmaHubo 40