AmaHubo 34:4-11
AmaHubo 34:4-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngamfuna uSimakade, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. Ababheka kuye, baba nokukhanya. Ubuso babo abusoze bajabha. Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo. Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule. Yizwani, nibone ukuthi uSimakade muhle; babusisiwe labo abaphephela kuye. Mesabeni uSimakade nina bangcwele bakhe, ngokuba abamesabayo abasweli lutho. Amabhongo amabhubesi ayeswela, alambe, kodwa abafuna uSimakade abayukweswela lutho oluhle. Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade.
AmaHubo 34:4-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha. Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule. Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe, ngokuba abasweli lutho abamesabayo. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.
AmaHubo 34:4-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngamfuna uJehova, wangizwa, wangikhulula kukho konke ukwesaba kwami. Bambheka bakhanyiselwa, nobuso babo abuzange bube namahloni. Lo muntu ompofu wakhala, uJehova wamuzwa, wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe. Ingelosi kaJehova iyehla nxazonke kwabamesabayo, ibakhulule. Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe umuntu othembela kuye. Mesabeni uJehova nina bangcwele bayo, ngokuba abasweli abamesabayo. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe; kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. Wozani, bantwana, ningilalele, nginifundise ukumesaba uJehova.