Ngamfuna uJehova, wangizwa, wangikhulula kukho konke ukwesaba kwami. Bambheka bakhanyiselwa, nobuso babo abuzange bube namahloni. Lo muntu ompofu wakhala, uJehova wamuzwa, wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe. Ingelosi kaJehova iyehla nxazonke kwabamesabayo, ibakhulule. Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe umuntu othembela kuye. Mesabeni uJehova nina bangcwele bayo, ngokuba abasweli abamesabayo. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe; kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. Wozani, bantwana, ningilalele, nginifundise ukumesaba uJehova.
Funda Amahubo 34
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 34:4-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo