AMahubo 34

34
Ukubonga Umusa KaSimakade
ElikaDavide mhla ezenza uhlanya phambi kuka-Abhimeleki owamxosha
1USimakade ngimbonga ngezikhathi zonke;
izibongo zakhe zizohlala
zisemlonyeni wami njalo njalo.
2Umphefumulo wami uyozincoma ngoSimakade,
abathobekileyo mabezwe, bajabule.
3Mbongeni kanye nami uSimakade,
siliphakamise kanyekanye igama lakhe.
4Ngamfuna uSimakade, wangiphendula;
wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
5Ababheka kuye, baba nokukhanya.
Ubuso babo abusoze bajabha.
6Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela,
wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.
7Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke
kulabo abamesabayo, ibakhulule.
8Yizwani, nibone
ukuthi uSimakade muhle;
babusisiwe labo abaphephela kuye.
9Mesabeni uSimakade
nina bangcwele bakhe,
ngokuba abamesabayo abasweli lutho.
10Amabhongo amabhubesi ayeswela, alambe,
kodwa abafuna uSimakade
abayukweswela lutho oluhle.
11Wozani bantwana, lalelani kimi,
ngizonifundisa ukwesaba uSimakade.
12Ngubani ofisa ukuphila,
othanda izinsuku eziningi
zokuthokozela okuhle na?
13Londa ulimi lwakho kokubi,
nezindebe zakho ekukhulumeni inkohliso.
14Gwema okubi, wenze okuhle;
funa ukuthula, ukuphokophelele.
15Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo,
izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo.
16Ubuso bukaSimakade bumelene nabenzi bokubi,
ukuba aqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
17USimakade uyakuzwa ukunxusa kwabalungileyo,
abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo.
18USimakade useduze nabanhliziyo zidabukile,
uyabasindisa abanomoya owaphukileyo.
19Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uSimakade uyamkhulula kuzo zonke.
20Uvikela wonke amathambo akhe,
akuyukwaphulwa nalinye kuwo.
21Inkohlakalo iyombulala omubi,
abazonda olungileyo bayojeza.
22USimakade uyakukhulula ukuphila kwezinceku zakhe,
akekho ophephela kuye oyojeza.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 34: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo