AmaHubo 106:1-48

AmaHubo 106:1-48 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Haleluya! Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Ngubani ongalanda ngezenzo zamandla kaSimakade, ezwakalise lonke udumo lwakhe na? Babusisiwe abagcina ubulungiswa, abenza ukulunga ngezikhathi zonke. Ngikhumbule, Simakade, lapho wenzela abantu bakho umusa, ungihambele ngensindiso yakho, ukuze ngibone impumelelo yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho. Thina nokhokho bethu sonile, senze okubi, sikhohlakele. Okhokho bethu beseseGibhithe abaziqondanga izibonakaliso zakho, ababukhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa, bakuhlubuka bengasolwandle, oLwandle Lomhlanga. Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe. Wakhuza uLwandle Lomhlanga, lwasha, wabaholela ekujuleni njengasehlane. Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha. Amanzi azisibekela izitha zabo, akwaze kwasala nesisodwa kuzo. Base bewakholwa amazwi akhe, bahlabelela ngodumo lwakhe. Kepha basheshe bayikhohlwa imisebenzi yakhe, ababe besasilandela iseluleko sakhe. Baba nenkwankwa nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi. Wabanika abakufisayo, kodwa wabathumela ngesifo esincunzayo. Baba nomona ngoMose ekamu, nango-Aroni ongcwele kaSimakade. Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani, wagqiba iviyo lika-Abhiramu. Iviyo labo lathungelwa ngomlilo, ilangabi labashisa labaqeda ababi. Babumba ithole eHorebhe, bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo. Baguqula inkazimulo kaNkulunkulu, bayifanisa nenkabi edla utshani. Bakhohlwa nguNkulunkulu, uMsindisi wabo, owayenze izinto ezinkulu eGibhithe, izimangaliso ezweni lika-Hamu, nokwesabekayo ngasoLwandle Lomhlanga. Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise. Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe. Bakhononda besemathendeni abo; abaze balihlonipha izwi likaSimakade. Ngakho-ke waphakamisa isandla sakhe, wafunga kubo ukuthi uzobabhubhisa ehlane, izizukulwane zabo azisakaze phakathi kwabezizwe, abahlakazele emazweni. Bazihlanganisa noBhali Pheyori, badla okuhlatshelwe abafileyo. Bamchukuluza ngezenzo zabo, kwaqubuka ubhubhane phakathi kwabo. UFinehasi wasukuma, wabanxusela, lwase luphela ubhubhane, lokho kwase kubalelwa kuye kuba ngukulunga ezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade. Bamthukuthelisa uSimakade bengasemanzini eMeribha, lokho kwaba kubi kuMose ngenxa yabo. Ngokuba bawukhuba umoya wakhe, waze wakhuluma amagama aqinile. Abazibhubhisanga izizwe njengalokhu uSimakade ayebayalile, bazihlanganisa nabezizwe, bafunda ukugila imikhuba yabo. Bakhonza izithombe ezibaziweyo zabezizwe, ezaphenduka zaba wugibe kubo. Amadodana namadodakazi abo bawahlabela amademoni. Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo, abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi. Ngenxa yezenzo zabo baba ngabangcolileyo, baphinga ngezenzo zabo. Intukuthelo kaSimakade yabavuthela abantu bakhe, ifa lakhe laba yisinengiso kuye. Wabanikela esandleni sabezizwe, babusiswa ngababazondayo. Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo. Kaningi wabahlenga, kodwa bahlubuka ngezinhloso zabo, baqunjwa phansi yiziphambeko zabo. Noma kunjalo, wakunaka ukuhlupheka kwabo, ngesikhathi ezwa ukukhala kwabo. Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe, wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe. Wenza ukuthi bonke ababebathumbile babazwele. Sisindise, Simakade Nkulunkulu wethu, siqoqe kwabezizwe ukuze silidumise igama lakho elingcwele, sikudumise ngentokozo. Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: “Amen.” Haleluya!

AmaHubo 106:1-48 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova, azwakalise lonke udumo lwakhe, na? Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe, owenza ukulunga ngezikhathi zonke. Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho, ungihambele ngensindiso yakho, ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho. Sonile kanye nawobaba; senzile okubi, sonakala. Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe, abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa; bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu. Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe. Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha; wabaholela ekujuleni njengasehlane. Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha. Amanzi asibekela izitha zabo; akwasala noyedwa kubo. Khona bakholwa ngamazwi akhe, bahlabelela udumo lwakhe. Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe, abalindelanga isiluleko sakhe. Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi. Wabanika abakufisayo, kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo. Baba nomhawu ngoMose ekamu,* nango-Aroni ongcwele kaJehova. Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani, wagqiba iviyo lika-Abiramu. Kokheleka umlilo eviyweni labo; ilangabi lashisa laqeda ababi. Benza ithole eHorebe; bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo. Baguqula kanjalo inkazimulo yabo, yaba njengenkabi edla utshani. Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe, izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu. Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise. Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe. Bakhonona besematendeni abo; babengalaleli izwi likaJehova. Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakubo ukuba abawise ehlane, awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe, abahlakaze emazweni. Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo. Bamcunula ngezenzo zabo; kwabhoboka isifo phakathi kwabo. Wayesesuka uFinehasi, wahlulela; saphela isifo; lokhu wakubalelwa njengokulunga ezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade. Bamcunula ngasemanzini aseMeriba; kwaba kubi kuMose ngenxa yabo. Ngokuba baphambana noMoya wakhe; wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe. Abababhubhisanga abantu uJehova abayaleza ngabo, kepha bahlangana nabezizwe, bafunda imisebenzi yabo. Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo. Amadodana namadodakazi abo bawahlabela amademoni. Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi. Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo, baphinga ezenzweni zabo. Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe; ifa lakhe laba yisinengiso kuye. Wabanikela esandleni sabezizwe; ababazondayo bababusa. Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo. Kaningi wabakhulula; kepha bahlubuka ngecebo labo, bawiswa phansi ngobubi babo. Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo, esezwile ukukhala kwabo. Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe. Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile. Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu, sibuthe kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni. Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: “Amen.” Haleluya!

AmaHubo 106:1-48 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Dumisani uJehova. Dumisani uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova na? ngubani ongamemezela zonke izindumiso zakhe na? Ubusisiwe ogcina ukulunga, nowenza ukulunga ngezikhathi zonke. Ngikhumbule, Jehova, ngokwentando yakho enhle kubantu bakho; ngihambele ngensindiso yakho; ukuze ngibone okuhle kwabakhethiweyo bakho, ukuze ngijabule entokozweni yesizwe sakho, ukuze ngizigqaje ngefa lakho. Sonile kanye nawobaba, senzile ububi, senzile okubi. Obaba abaqondanga izimangaliso zakho eGibithe; abazange bacabange ngobuningi bomusa Wakho; kodwa wamgcona ngasolwandle, nangaseSchelfsee. Kodwa wabasindisa ngenxa yebizo lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe amakhulu. Futhi wayikhuza iSchelfsee, futhi yoma; wabahola ekujuleni kungathi badabula ugwadule. Wabakhulula esandleni sabazondayo, wabakhulula esandleni sesitha. Amanzi asibekela izitha zabo; akwasala noyedwa kubo. Basebekholwa ngamazwi akhe; bahlabelela izindumiso zakhe. Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe; abazange balinde iseluleko sakhe. Kodwa okufiswa kakhulu enkangala bamlinga uNkulunkulu enkangala. Futhi wabanika abakucelayo; kepha wathumela ukuwonda emphefumulweni wabo. Banomhawu ngoMose ekamu no-Aroni ongcwele kaJehova. Umhlaba wavuleka wamgwinya uDathani, wasibekela isixuku sika-Abiramu. Kwavutha umlilo ebandleni labo; ilangabi lashisa ababi. Benza ithole eHorebe, bakhuleka esithombeni esibunjiweyo. Baguqula inkazimulo yabo yaba njengenkabi edla utshani. Bakhohlwa uNkulunkulu, umsindisi wabo, owenza izinto ezinkulu eGibithe; Izimangaliso ezweni likaHamu nezinto ezesabekayo oLwandle Olubomvu. Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi. Yebo, balidelela izwe elihle, abakholwanga yizwi lakhe. Kepha bakhonona ematendeni abo, kabalilalelanga izwi likaJehova. Ngakho wabaphakamisela isandla sakhe ukuze abawise enkangala. Ukuze awise inzalo yabo phakathi kwezizwe, ibahlakazele emazweni. Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo. Basebemthukuthelisa ngemisebenzi yabo, kwavela isifo phezu kwabo. Khona-ke uFinehasi wasukuma wenza isahlulelo, futhi isifo saphela. Kwabalelwa kuye njengokulunga izizukulwane ngezizukulwane kuze kube phakade. Bamthukuthelisa futhi emanzini okuphikisana, kangangokuthi uMose wagula ngenxa yabo. Ngoba bawuthukuthelisa umoya wakhe, waze wakhuluma ngobuwula ngezindebe zakhe. Abazange bazibhubhise izizwe uJehova ayebayale ngazo. Kodwa bahlangana labezizwe bafunda imisebenzi yabo. Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo. Yebo, banikela ngamadodana abo namadodakazi abo kumademoni, Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo nelamadodakazi abo, abawahlabela onkulunkulu abangcolile baseKhanani; izwe langcoliswa ngegazi. Ngakho bangcoliswa ngemisebenzi yabo futhi bafeba ngezinto zabo. Ngakho intukuthelo kaJehova yabavuthela abantu bakhe, wanengwa yifa lakhe. Wabanikela esandleni sabezizwe; labo ababebazonda bababusa. Izitha zabo zabacindezela, banqotshwa ngaphansi kwesandla sabo. Wabakhulula kaningi; kodwa bamklolodela ngeseluleko sabo futhi bathotshiswa ngobubi babo. Kodwa walubona usizi lwabo lapho ezwa ukukhala kwabo. Wasikhumbula isivumelwano sakhe kubo, waphenduka ngokobukhulu besihe sakhe. Futhi wabadabukela bonke ababebathumbile. Sikhulule, Jehova Nkulunkulu wethu, usibuthe phakathi kwezizwe, ukuze sidumise iGama lakho elingcwele, sithokoze ekudumiseni kwakho. Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kusukela phakade kuze kube phakade, bathi bonke abantu: Amen! Dumisani uJehova.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo