AMahubo 106:1-48

AMahubo 106:1-48 ZUL20

Haleluya! Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Ngubani ongalanda ngezenzo zamandla kaSimakade, ezwakalise lonke udumo lwakhe na? Babusisiwe abagcina ubulungiswa, abenza ukulunga ngezikhathi zonke. Ngikhumbule, Simakade, lapho wenzela abantu bakho umusa, ungihambele ngensindiso yakho, ukuze ngibone impumelelo yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho. Thina nokhokho bethu sonile, senze okubi, sikhohlakele. Okhokho bethu beseseGibhithe abaziqondanga izibonakaliso zakho, ababukhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa, bakuhlubuka bengasolwandle, oLwandle Lomhlanga. Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe. Wakhuza uLwandle Lomhlanga, lwasha, wabaholela ekujuleni njengasehlane. Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha. Amanzi azisibekela izitha zabo, akwaze kwasala nesisodwa kuzo. Base bewakholwa amazwi akhe, bahlabelela ngodumo lwakhe. Kepha basheshe bayikhohlwa imisebenzi yakhe, ababe besasilandela iseluleko sakhe. Baba nenkwankwa nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi. Wabanika abakufisayo, kodwa wabathumela ngesifo esincunzayo. Baba nomona ngoMose ekamu, nango-Aroni ongcwele kaSimakade. Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani, wagqiba iviyo lika-Abhiramu. Iviyo labo lathungelwa ngomlilo, ilangabi labashisa labaqeda ababi. Babumba ithole eHorebhe, bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo. Baguqula inkazimulo kaNkulunkulu, bayifanisa nenkabi edla utshani. Bakhohlwa nguNkulunkulu, uMsindisi wabo, owayenze izinto ezinkulu eGibhithe, izimangaliso ezweni lika-Hamu, nokwesabekayo ngasoLwandle Lomhlanga. Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise. Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe. Bakhononda besemathendeni abo; abaze balihlonipha izwi likaSimakade. Ngakho-ke waphakamisa isandla sakhe, wafunga kubo ukuthi uzobabhubhisa ehlane, izizukulwane zabo azisakaze phakathi kwabezizwe, abahlakazele emazweni. Bazihlanganisa noBhali Pheyori, badla okuhlatshelwe abafileyo. Bamchukuluza ngezenzo zabo, kwaqubuka ubhubhane phakathi kwabo. UFinehasi wasukuma, wabanxusela, lwase luphela ubhubhane, lokho kwase kubalelwa kuye kuba ngukulunga ezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade. Bamthukuthelisa uSimakade bengasemanzini eMeribha, lokho kwaba kubi kuMose ngenxa yabo. Ngokuba bawukhuba umoya wakhe, waze wakhuluma amagama aqinile. Abazibhubhisanga izizwe njengalokhu uSimakade ayebayalile, bazihlanganisa nabezizwe, bafunda ukugila imikhuba yabo. Bakhonza izithombe ezibaziweyo zabezizwe, ezaphenduka zaba wugibe kubo. Amadodana namadodakazi abo bawahlabela amademoni. Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo, abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi. Ngenxa yezenzo zabo baba ngabangcolileyo, baphinga ngezenzo zabo. Intukuthelo kaSimakade yabavuthela abantu bakhe, ifa lakhe laba yisinengiso kuye. Wabanikela esandleni sabezizwe, babusiswa ngababazondayo. Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo. Kaningi wabahlenga, kodwa bahlubuka ngezinhloso zabo, baqunjwa phansi yiziphambeko zabo. Noma kunjalo, wakunaka ukuhlupheka kwabo, ngesikhathi ezwa ukukhala kwabo. Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe, wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe. Wenza ukuthi bonke ababebathumbile babazwele. Sisindise, Simakade Nkulunkulu wethu, siqoqe kwabezizwe ukuze silidumise igama lakho elingcwele, sikudumise ngentokozo. Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: “Amen.” Haleluya!