KwabaseFilipi 3:12-14
KwabaseFilipi 3:12-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kungabi njengokuba sengikutholile, noma sengiphelele, kodwa ngiphuthuma ukuba ngikubambe lokho nami engibanjelwe kona nguKristu Jesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile, kodwa kunye engikwenzayo, ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili; ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okuphezulu kukaNkulunkulu kuKristu Jesu.
KwabaseFilipi 3:12-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Akusho ukuthi sengifinyelele kulokhu kumbe sengiphelelisiwe, kodwa ngiyaphikelela ukuba kambe ngingaze ngikubambe lokho nami engabanjelwa khona nguKhristu uJesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile, kodwa kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili; ngiphokophele emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu, nguNkulunkulu kuJesu Khristu.
KwabaseFilipi 3:12-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.
KwabaseFilipi 3:12-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)