KwabaseFiliphi 3
3
UPawula Uxwayisa Ngokulunga Okungokomuntu
1 Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Akungikhathazi ukuphinde nginilobele khona lokho, kodwa nina kuyanilonda.
2 Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye nabazisika imizimba. 3 Ngokuba singabasokile thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizigqaja kuKhristu uJesu, asilibekile ithemba lethu enyameni, 4 nakuba bengingethembela enyameni. Uma kukhona ocabanga ukuthi unesizathu sokwethembela enyameni, mina ngineziningi. 5 Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwana sakwaBhenjamini, umHebheru wamaHebheru, ngokomthetho ngingumFarisi. 6 Ngangiyisishisekeli esizingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.
Ukulunga OkukuKhristu Kuyinzuzo
7 Kepha lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKhristu. 8 Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu, 9 ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, 10 ukuze ngimazi Yena, namandla okuvuka kwakhe, ngibe nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze nangokufa kwakhe, 11 mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo. 12 Akusho ukuthi sengifinyelele kulokhu kumbe sengiphelelisiwe, kodwa ngiyaphikelela ukuba kambe ngingaze ngikubambe lokho nami engabanjelwa khona nguKhristu uJesu. 13 Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile, kodwa kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili; 14 ngiphokophele emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu, nguNkulunkulu kuJesu Khristu.
UPawula Ubaluleka Ngokumlandela Yena
15 Thina sonke esipheleleyo masibe nokuqonda okunjalo. Kepha uma kwenzeka niba nokuqonda okwehlukileyo, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona, 16 kuphela masibambelele kulokho esesifinyelele kukho.
17 Bazalwane, ngilingiseni, futhi nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. 18 Abaningi enganitshela ngabo ngiphindelela, kumanje ngisanitshela ngabo ngikhala izinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKhristu. 19 Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela. 20 Kepha thina singabombuso wezulu, lapho futhi silangazelele khona ukubona uMsindisi, iNkosi uJesu Khristu. 21 NguYena oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo. Lokho uyakukwenza ngamandla akhe akwazi ukuzihlelela ngawo konke phansi kwakhe.
Okuqokiwe okwamanje:
KwabaseFiliphi 3: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.