KuFilemoni 1:1-7
KuFilemoni 1:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi, naku-Apifiya udadewethu, naku-Arkiphu, ibutho kanye nathi, nakulo ibandla elisendlini yakho: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami, uma ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele, ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nomsebenzi ekwazini konke okuhle okukithi kuKristu, ngokuba nginokuthokoza okukhulu nenduduzo ngothando lwakho, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zihlunyelelwe ngawe mzalwane.
KuFilemoni 1:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane, kuFilemoni othandekayo nesisebenzi kanye nathi, naku-Apifiya othandekayo, naku-Arkiphu ibutho kanye nathi, nasebandleni elisendlini yakho; Umusa kawube kini lokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu leNkosini uJesu Kristu. Ngiyambonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami; Ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele; ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nempumelelo ekwazini konke okuhle okukini kuKristu Jesu. Ngokuba sinentokozo enkulu nenduduzo othandweni lwakho, ngokuba izibilini zabangcwele zivuselelwe ngawe, mzalwane.
KuFilemoni 1:1-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

KuFilemoni 1:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UPawula, isiboshwa sikaKhristu uJesu noThimothewu umzalwane, kuFilemoni isithandwa nesisebenzi kanye nathi, naku-Afiya udadewethu no-Arkhiphu obutho linye nathi, nasebandleni elibuthanela emzini wakho: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu. Ngiyambonga uNkulunkulu wami njalo lapho ngiphatha igama lakho emkhulekweni wami, ngokuba ngiyezwa ngothando nokukholwa onakho eNkosini uJesu, nakubo bonke abangcwele. Ngikhulekela ukuba ukwabelana ngokholo lwakho kungaba nempumelelo lapho ubona konke okuhle esinakho kuKhristu. Uthando lwakho lwangithokozisa kakhulu futhi lwangigqugquzela, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zivuselelekile ngawe mfowethu.