KuFilemoni 1:1-7

KuFilemoni 1:1-7 ZULUNT

UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane, kuFilemoni othandekayo nesisebenzi kanye nathi, naku-Apifiya othandekayo, naku-Arkiphu ibutho kanye nathi, nasebandleni elisendlini yakho; Umusa kawube kini lokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu leNkosini uJesu Kristu. Ngiyambonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami; Ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele; ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nempumelelo ekwazini konke okuhle okukini kuKristu Jesu. Ngokuba sinentokozo enkulu nenduduzo othandweni lwakho, ngokuba izibilini zabangcwele zivuselelwe ngawe, mzalwane.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KuFilemoni 1:1-7