KuFilemoni 1:1-7

KuFilemoni 1:1-7 ZUL20

UPawula, isiboshwa sikaKhristu uJesu noThimothewu umzalwane, kuFilemoni isithandwa nesisebenzi kanye nathi, naku-Afiya udadewethu no-Arkhiphu obutho linye nathi, nasebandleni elibuthanela emzini wakho: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu. Ngiyambonga uNkulunkulu wami njalo lapho ngiphatha igama lakho emkhulekweni wami, ngokuba ngiyezwa ngothando nokukholwa onakho eNkosini uJesu, nakubo bonke abangcwele. Ngikhulekela ukuba ukwabelana ngokholo lwakho kungaba nempumelelo lapho ubona konke okuhle esinakho kuKhristu. Uthando lwakho lwangithokozisa kakhulu futhi lwangigqugquzela, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zivuselelekile ngawe mfowethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KuFilemoni 1:1-7